MTHOKOZISI DLOMO
WETHEMBISA ukuthi sizotholakala maduze isixazululo enkingeni yesiteleka samatekisi ahamba amabanga amade, ahambela eThekwini, uMnu Siboniso Duma, onguNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal.
UDuma ubehlahlangene nobuholi bososeshini bamatekisi eCity Hall yaseMgungudlovu ngoLwesine, lapho bekukhona noNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli.
UDuma uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi abeDurban Long Distance Association, okuyibona abatelekile, bebengayona ingxenye yomhlangano. Uthe uhulumeni ngeke uthambise isandla kubantu abephuma umthetho.
“Umuntu osemgwaqweni kufanele abe nephemithi. Ongenawo amaphepha okuba semgwaqweni asikwazi ukuthi simyeke. Umuntu ofanelwe wukuba athole iphemithi, uyayithola, ongafanele kasimniki,” esho.
Uthe uma izixazululo zingatholakali, bazophoqeleka ukuvala irenki, ukuqikelela ukuphepha komphakathi. UMnu Boy Zondi, onguSihlalo weSantaco KwaZulu-Natal, ufike umhlangano usuyophela njengoba ethe ubenomhlangano nobuholi bukasoseshini waseThekwini.
“Kunezinto abakhala ngazo okusafanele ukuthi zibhekwe. Okuhle kakhulu wukuthi sebeqalile ukuwalanda amaphemithi, kodwa kuwona (amaphemithi) kunemizila abangayitholile, abafuna ukuthi balekelelwe kuyona,” kusho uZondi.
UMnu velanto Thwala onguSihlalo weSantaco eGoli ubonge ubuholi besifundazwe ngokuhlangana nabo.
“Masibonge kumphathiswa (uDuma) ngokuthi ngokusilalela, asinike ithuma lokuzobeka izikhalo zethu. Ngiphinde ngixolise nakubagibeli bethu ngoba yibona abahlukumezeke kakhulu nalesi siteleka esiqhubekayo,” esho.
UNtuli uthe kumele sitholakale ngokushesha isisombululo kule nkinga yesiteleka ngoba silimaza kakhulu izakhamuzi nomnotho wesifundazwe.