Ilanga News
Home 9 Featured 9 Izoxazululwa maduze eyesiteleka samatekisi ahamba amabanga amade – Duma

Izoxazululwa maduze eyesiteleka samatekisi ahamba amabanga amade – Duma

by | 5 December 2024

NGUNGQONGQOSHE wezokuThutha eKZN, uMnu Siboniso Duma, nobuholi beSantaco eKZN nobaseGoli. | Isithombe nguNhlanhla Gumede

MTHOKOZISI DLOMO

WETHEMBISA ukuthi sizotholakala maduze isixazululo enkingeni yesiteleka samatekisi ahamba amabanga amade, ahambela eThekwini, uMnu Siboniso Duma, onguNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal.


UDuma ubehlahlangene nobuholi bososeshini bamatekisi eCity Hall yaseMgungudlovu ngoLwesine, lapho bekukhona noNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli.

UDuma uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi abeDurban Long Distance Association, okuyibona abatelekile, bebengayona ingxenye yomhlangano. Uthe uhulumeni ngeke uthambise isandla kubantu abephuma umthetho.

“Umuntu osemgwaqweni kufanele abe nephemithi. Ongenawo amaphepha okuba semgwaqweni asikwazi ukuthi simyeke. Umuntu ofanelwe wukuba athole iphemithi, uyayithola, ongafanele kasimniki,” esho.

Uthe uma izixazululo zingatholakali, bazophoqeleka ukuvala irenki, ukuqikelela ukuphepha komphakathi. UMnu Boy Zondi, onguSihlalo weSantaco KwaZulu-Natal, ufike umhlangano usuyophela njengoba ethe ubenomhlangano nobuholi bukasoseshini waseThekwini.

“Kunezinto abakhala ngazo okusafanele ukuthi zibhekwe. Okuhle kakhulu wukuthi sebeqalile ukuwalanda amaphemithi, kodwa kuwona (amaphemithi) kunemizila abangayitholile, abafuna ukuthi balekelelwe kuyona,” kusho uZondi.

UMnu velanto Thwala onguSihlalo weSantaco eGoli ubonge ubuholi besifundazwe ngokuhlangana nabo.

“Masibonge kumphathiswa (uDuma) ngokuthi ngokusilalela, asinike ithuma lokuzobeka izikhalo zethu. Ngiphinde ngixolise nakubagibeli bethu ngoba yibona abahlukumezeke kakhulu nalesi siteleka esiqhubekayo,” esho.

UNtuli uthe kumele sitholakale ngokushesha isisombululo kule nkinga yesiteleka ngoba silimaza kakhulu izakhamuzi nomnotho wesifundazwe.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...