Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kugxekwe amakhansela angalisebenzeli iqembu

Kugxekwe amakhansela angalisebenzeli iqembu

by | 14 June 2025

I

AMUKELWE wubuholi bukazwelonke be-IFP, amalungu amasha ahlubuke emaqenjini ahlukene ajoyine leli qembu ngaphansi kwesiyingi uMzumbe. Namhlanje ngoMgqibelo ubuholi baleli qembu bebuholwa nguMnu Albert Mncwango oyisekela likaNobhala waleli qembu kuzwelonke. I-IFP yamukele amalungu amasha angaphezulu kuka-210. 

Phakathi kwabemukelwe yileli qembu bekukhona nabasezinhlakeni zokuhola emaqenjini abaphuma kuwona. Amalungu amukelwe ahlubuke ku-ANC, i-EFF. 

Ethula inkulumo yosuku uMncwango, uthe iyakhathaza indaba yamakhansela angalisebenzeli iqembu. “Kuyinselelo okufanele ibhekane nabo bonke abaholi beqembu ikakhulukazi abangozihlalo beziyingi okuyibona okufanele benze isiqiniseko sokuba bayawabheka amakhansela ahudula izinyawo ekukhuleni kweqembu. Kuyintokozo ukuthi namuhla sikwamukela amalungu amasha. Ngiyathokoza nangokuthi amanye awo ngabaholi engibaziyo futhi enginomlando ngabo. Zizweni nisekhaya. Namukelekile ekhaya leNkatha,” kusho uMncwango.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....