
AMUKELWE wubuholi bukazwelonke be-IFP, amalungu amasha ahlubuke emaqenjini ahlukene ajoyine leli qembu ngaphansi kwesiyingi uMzumbe. Namhlanje ngoMgqibelo ubuholi baleli qembu bebuholwa nguMnu Albert Mncwango oyisekela likaNobhala waleli qembu kuzwelonke. I-IFP yamukele amalungu amasha angaphezulu kuka-210.
Phakathi kwabemukelwe yileli qembu bekukhona nabasezinhlakeni zokuhola emaqenjini abaphuma kuwona. Amalungu amukelwe ahlubuke ku-ANC, i-EFF.

Ethula inkulumo yosuku uMncwango, uthe iyakhathaza indaba yamakhansela angalisebenzeli iqembu. “Kuyinselelo okufanele ibhekane nabo bonke abaholi beqembu ikakhulukazi abangozihlalo beziyingi okuyibona okufanele benze isiqiniseko sokuba bayawabheka amakhansela ahudula izinyawo ekukhuleni kweqembu. Kuyintokozo ukuthi namuhla sikwamukela amalungu amasha. Ngiyathokoza nangokuthi amanye awo ngabaholi engibaziyo futhi enginomlando ngabo. Zizweni nisekhaya. Namukelekile ekhaya leNkatha,” kusho uMncwango.