SKHOSIPHI MTHEMBU
KUHLANGANE imihlathi eyazanayo emuva kweminyaka engaphezulu kwengu-30 lehlukana iqembu lomculo Amaphoyisa asoLundi, elalidume kakhulu.
Amalungu aleli qembu lomculo wokholo elalidume kakhulu ngeminyaka yama-90’s abehlangane emcimbini wawo obungeledlule Adams, eThekwini.
Iningi lawo abengasabonani njengoba asathatha umhlalaphansi.
Leli qembu lomculo lingelinye lalawo ayehlonishwa kakhulu emculweni wokholo ngaleya minyaka. Kodwa-ke ekuhambeni kwesikhathi labuye lahlakazeka njengoba amanye amalungu ajutshwa kwezinye iziteshi.
UMnu Thandazani Mathonsi ongomunye wayecula phambili kuleli qembu uthe kujabulise kakhulu ukuhlangana nozakwabo ababeyibambe nabo esiphoyiseni eminyakeni edlule. Uthi yize sebathatha umhlalaphansi kodwa uthando lomculo wokholo namanje lusekhona.
Echaza ngokuthi labunjwa kanjani leli kwaya uthi indaba yaqala ngesikhathi besekolishi yamaphoyisa ngo-1986. Uthi baqala iqembu lomculo okwakungelabesilisa kuphela elalaziwa ngokuthi yiMale Voice. Ngokusho kwakhe, bacula kulelo qembu kwaze kwafika isikhathi sokuba baphume ekolishi beyosebenza eziteshini ezahlukene.
“Ngenxa yokuthi abaphathi base bezwile ukuthi kuneqembu eliculayo ngaphakathi, baphakamisa ukuthi singayiswa eziteshini ezahlukene kodwa sonke siye oLundi. Ngaleso sikhathi kuneqembu elalivele likhona emaphoyiseni, kwaphakanyiswa ukuthi thina esiphuma ekolishi sihlangane nalo – kwaqala iqembu elabe seliduma ngokuthi Amaphoyisa asoLundi, kwaphela kanjalo ngeMale Voice ngoba sase sihlangene nabesifazane,” kusho yena.
Eqhuba uthe kwabuye kwasungulwa nelinye iqembu lawo amaphoyisa elalibizwa ngokuthi yiKwaZulu Brass Band. Uthi womabili lawa maqembu ayehambisana kuzona zonke izindawo lapho kwakusuke kuyonandiswa khona. “Ngikhumbula ukuthi i-album yethu yokuqala eyashisa izikhotha ngethi Siyamuzwa uMsindisi. Le album yayinezingoma ezithi Jehova Mdali, nenye eyaduma kakhulu ethi Libala Kuye,” esho.
Mayelana nalo mcimbi wokuhlangana kwabo, ubonga kakhulu uMnu Joseph Mthembu athi nguyena okwazile ukuba axhumane nabo, kwenziwa imizamo yokuba kutholakale nabanye.
“Sijabule kakhulu ukuhlangana nabaye ozakwethu, iningi labo obese kuphele iminyaka engaphezulu kwengu-30 sagcinana. Uma ngingaphosisi, uyedwa kuphela osasebenza emaphoyiseni kulaba ebesihlangene nabo. Kanti kukhona nabanye asebadlula emhlabeni,” kusho yena.
Uveze ukuthi ngenxa yothando lomculo, zikhona izinhlelo zokuthi baphinde bahlangana bavuse amanye amaculo ababewacula besakule kwaya. Uthi lokhu kungenxa yokuthi kusenabantu abaye bababuze ukuthi kungani bengahlangani futhi bakhiphe umculo ndawonye.