Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Injabulo kuhlangana ababecula abeqembu lamaphoyisa asoLundi

Injabulo kuhlangana ababecula abeqembu lamaphoyisa asoLundi

by | 17 December 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUHLANGANE imihlathi eyazanayo emuva kweminyaka engaphezulu kwengu-30 lehlukana iqembu lomculo Amaphoyisa asoLundi, elalidume kakhulu.
Amalungu aleli qembu lomculo wokholo elalidume kakhulu ngeminyaka yama-90’s abehlangane emcimbini wawo obungeledlule Adams, eThekwini.


Iningi lawo abengasabonani njengoba asathatha umhlalaphansi.
Leli qembu lomculo lingelinye lalawo ayehlonishwa kakhulu emculweni wokholo ngaleya minyaka. Kodwa-ke ekuhambeni kwesikhathi labuye lahlakazeka njengoba amanye amalungu ajutshwa kwezinye iziteshi.
UMnu Thandazani Mathonsi ongomunye wayecula phambili kuleli qembu uthe kujabulise kakhulu ukuhlangana nozakwabo ababeyibambe nabo esiphoyiseni eminyakeni edlule. Uthi yize sebathatha umhlalaphansi kodwa uthando lomculo wokholo namanje lusekhona.


Echaza ngokuthi labunjwa kanjani leli kwaya uthi indaba yaqala ngesikhathi besekolishi yamaphoyisa ngo-1986. Uthi baqala iqembu lomculo okwakungelabesilisa kuphela elalaziwa ngokuthi yiMale Voice. Ngokusho kwakhe, bacula kulelo qembu kwaze kwafika isikhathi sokuba baphume ekolishi beyosebenza eziteshini ezahlukene.
“Ngenxa yokuthi abaphathi base bezwile ukuthi kuneqembu eliculayo ngaphakathi, baphakamisa ukuthi singayiswa eziteshini ezahlukene kodwa sonke siye oLundi. Ngaleso sikhathi kuneqembu elalivele likhona emaphoyiseni, kwaphakanyiswa ukuthi thina esiphuma ekolishi sihlangane nalo – kwaqala iqembu elabe seliduma ngokuthi Amaphoyisa asoLundi, kwaphela kanjalo ngeMale Voice ngoba sase sihlangene nabesifazane,” kusho yena.


Eqhuba uthe kwabuye kwasungulwa nelinye iqembu lawo amaphoyisa elalibizwa ngokuthi yiKwaZulu Brass Band. Uthi womabili lawa maqembu ayehambisana kuzona zonke izindawo lapho kwakusuke kuyonandiswa khona. “Ngikhumbula ukuthi i-album yethu yokuqala eyashisa izikhotha ngethi Siyamuzwa uMsindisi. Le album yayinezingoma ezithi Jehova Mdali, nenye eyaduma kakhulu ethi Libala Kuye,” esho.


Mayelana nalo mcimbi wokuhlangana kwabo, ubonga kakhulu uMnu Joseph Mthembu athi nguyena okwazile ukuba axhumane nabo, kwenziwa imizamo yokuba kutholakale nabanye.
“Sijabule kakhulu ukuhlangana nabaye ozakwethu, iningi labo obese kuphele iminyaka engaphezulu kwengu-30 sagcinana. Uma ngingaphosisi, uyedwa kuphela osasebenza emaphoyiseni kulaba ebesihlangene nabo. Kanti kukhona nabanye asebadlula emhlabeni,” kusho yena.
Uveze ukuthi ngenxa yothando lomculo, zikhona izinhlelo zokuthi baphinde bahlangana bavuse amanye amaculo ababewacula besakule kwaya. Uthi lokhu kungenxa yokuthi kusenabantu abaye bababuze ukuthi kungani bengahlangani futhi bakhiphe umculo ndawonye.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...