Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kudutshulwe iphoyisa eNanda

Kudutshulwe iphoyisa eNanda

by | 25 February 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal, athungatha abasolwa ababili abafunelwa ukubulala iphoyisa, eMachobeni, eNanda, enyakatho yeTheku. Isigameko senzeke ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi iphoyisa ebelingekho emsebenzini, lidutshulwa ngaphandle kwasekhweni limi nentombi yalo.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, kuqhamuke imoto yohlobo lwe VW emhlophe inabalisa ababili phakathi.
Behlile emotweni, bayalela intombi yalo ukuthi ihambe ngaphambi kokulishaya iphoyisa. Abagcinanga lapho, babesebelibudula iphoyisa engalweni nasekhanda.

Umakhalekhukhwini nesibhamu salo somsebenzi bakuthathile. Kuthiwa abalisa laba bakhale bemuka ngesikhulu isivinini. Kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa athele othulini abasolwa ngokuba ngongqondongqondo, ekuphangweni kwezimoto zemali eThekwini.


Amaphoyisa athi alunywe indlebe ngale migulukudu ebicashe kwenye indlu eLindelani. Kulendlu bebeqashile onkabi laba, kuthiwa yilapho bebefihla khona izibhamu, iziqhumane, nezinye izinto abebezebile. Kuthiwa yibona abasolwa abadubule kuqala, babhekisa emaphoyiseni nawo ayesephindisela.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...