Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kudutshulwe iphoyisa eNanda

Kudutshulwe iphoyisa eNanda

by | 25 February 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal, athungatha abasolwa ababili abafunelwa ukubulala iphoyisa, eMachobeni, eNanda, enyakatho yeTheku. Isigameko senzeke ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi iphoyisa ebelingekho emsebenzini, lidutshulwa ngaphandle kwasekhweni limi nentombi yalo.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, kuqhamuke imoto yohlobo lwe VW emhlophe inabalisa ababili phakathi.
Behlile emotweni, bayalela intombi yalo ukuthi ihambe ngaphambi kokulishaya iphoyisa. Abagcinanga lapho, babesebelibudula iphoyisa engalweni nasekhanda.

Umakhalekhukhwini nesibhamu salo somsebenzi bakuthathile. Kuthiwa abalisa laba bakhale bemuka ngesikhulu isivinini. Kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa athele othulini abasolwa ngokuba ngongqondongqondo, ekuphangweni kwezimoto zemali eThekwini.


Amaphoyisa athi alunywe indlebe ngale migulukudu ebicashe kwenye indlu eLindelani. Kulendlu bebeqashile onkabi laba, kuthiwa yilapho bebefihla khona izibhamu, iziqhumane, nezinye izinto abebezebile. Kuthiwa yibona abasolwa abadubule kuqala, babhekisa emaphoyiseni nawo ayesephindisela.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...