Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 URamaphosa uthi kumele kukhuliswe umnotho ngokushesha, kudaleke imisebenzi

URamaphosa uthi kumele kukhuliswe umnotho ngokushesha, kudaleke imisebenzi

by | 6 February 2025

NGUMONGAMELI uMnu Cyril Ramaphosa ethula inkulumo ebhekiswe esizweni.

“UMSEBENZI wethu ophuthumayo okumele siwenze, wukukhulisa umnotho ukuze sikwazi ukudala amathuba emisebenzi, sinciphise ububha futhi sithuthukise impilo yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika”.

Lawa ngamazwi kaMengameli Cyril Ramaphosa, awasho enkulumweni yakhe yesizwe, iState of the Nation Address (SONA) ngoLwesine kusihlwa.

URamaphosa uthi ukuze kwenzeke lo msebenzi ophuthumayo wokukhuliswa komnotho, kudingena uhulumeni osebenzela abantu. Uthi kudingeka izwe elinamandla okwenza izinto ngendlela efanele, elesekelwe yizisebenzi zikahulumeni ezinobungcweti.

Uqhube wathi abantu baseNingizimu Afrika bafuna uhulumeni obaphatha ngesizotha, intobeko nenhlonipho. Futhi uthi abantu bafuna izwe elinabaholi abakulungele ukusebenza ngokuzinikela okuphelele; kanye nezisebenzi zikahulumeni ezinesimilo, amakhono, futhi eziqeqesheke ngendlela efanele.

URamaphosa uthembise ukuthi ukuze bakwazi ukufeza lezi zinhloso zokwakha uhulumeni osebenzela abantu ngendlela efanele, futhi onezisebenzi zomphakathi ezisebenza ngokuzinikela nangobuqotho, bazoqinisa umsebenzi weKhomishana yezemiSebenzi kaHulumeni (Public Service Commission) wokuqokwa kwabantu abafakwa ezikhundleni eziphezulu kuhulumeni njengabaqondisi jikelele; amasekela abaqondisi jikelele; yizikhulu eziphezulu ezinkampaneni zikahulumeni; amalungu amabhodi, kanye nezinye izisebenzi ezisezikhundleni eziphezulu.

Uthi kuzokwethula nohlelo lokuqashwa kwabantu abaneziqu ukuze uhulumeni uhlome ngezisebenzi ezichithile futhi ezinobungcweti.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...