Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 UNadia Nakai ne-albhamu akhumbula ngayo u-AKA

UNadia Nakai ne-albhamu akhumbula ngayo u-AKA

by | 11 February 2025

NONHLAKANIPHO SHINGA

INTOKAZI eyayithandana noKiernan Forbes owayedume ngelika-AKA, uNadia Nakai, useveze ukuthi ekupheleni kwale nyanga uzokhipha i-albhamu azophinde abungaze kuyona lo mculi osekuphela iminyaka emibili namhlanje ngoMsombuluko abulawa.

Le albamu ezophuma ngoLwesihlanu ngomhlaka 28, ibizwa ngokuthi yi-Bragaccy, uthi kakulona iqoqo lezingoma kepha yindlela akhumbula nahlonipha ngayo u-AKA nangeqhaza alibamba emkhakneni wezomculo nasempilweni yakhe. Uthi unethemba lokuthi i-Megacy, ongungabalandeli ba-AKA bazowuthokozela lo mculo.

Uthi i-Bragaccy ifana nencwadi yothando ayibhalele u-AKA. Kwashaqeke abaningi ngomhlaka 10 kuNhlolanja (February) wangonyaka ka-2023, kudutshulwa kubulawa lesi sihlabani somculo ebesingaconsi phansi kubalandeli baso. U-AKA wabulawa noTebello “Tibs” Motsosane, owayengumngane wakhe, eMorningside, kuFlorida, eThekwini.

Ukubulawa kuka-AKA kushiye abaningi bengawuvali umlomo ikakhulukazi emkhakheni wezomculo kube sekuvela nokuthi ngaphambi kwalesi sigameko wayeke wathola ukuxwayiswa ngabathile ukuthi angalinge alubhade eThekwini ngemuva kokushona kwengoduso yakhe u-Anele Tembe, okuthiwa bathi bekade benengxabano ehhotela eliseCape Town, waziphonsa phansi washona. Ngemuva konyaka kushone u-Anele, u-AKA ube eseveza ukuthi usethandana noNadia Nakai kanti abaningi bakhombise ukubujabulela ubudlelwano babo nomndeni wakhe u-AKA.


“Kule albhamu kuningi okuzoqhamuka ebengifisa ngabe ngakwazi ukukusho kuyena u-AKA, ngizokusho kuyona le-albhamu. Lena kuseyindlela yokuzelapha ngemuva kokulahlekelwa ngumuntu engangimthanda,” kusho yena.


Phakathi kwamasingili asewakhiphile kukhona ingoma ethi-“M.E.G.A” ayenzo noCindii Masina, yingoma ayenze nentokazi yaseThekwini uShekhinah ethi “Missing You”, ephrojuswe nguZakes Bantwini. Ngemuva kokumemezela ukuphuma kwale albhamu, abalandeli bakhe naba-AKA kubonakale bekhombisa ukuzithakasela lezi zindaba.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Unina kamufi usalinde umndeni wombulali ukuba uyoxolisa

Unina kamufi usalinde umndeni wombulali ukuba uyoxolisa

UGWETSHWE udilikajele neminyaka ewu-10 ngaphezulu, owesilisa owabulala isitshudeni esasenza izifundo zokushayela amabhanoyi. UNdabenhle Lindokuhle Majola (38) ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala uNkz Inam Tshakeni (20), wagixatshezwa ngeminyaka ewu-10...

Kukhuthazwe ubunye kumakholwa

Kukhuthazwe ubunye kumakholwa

UYALE abaholi bamabandla ezenkolo ukuba bakhathalele ukuba nolwazi ngempilo yamakholwa abawaholayo ngaphandle kwezindlu zamasonto uMfu Sthembiso Zondo. UZondo ube ethula inkulumo yosuku ngesikhathi kubanjwe isidlo sakusihlwa sabaholi bamabandla eGarden Court Hotel,...

Kubizwe imbizo ukuxazulula ‘eyombango ngendawo’ yabaKhwanazi

Kubizwe imbizo ukuxazulula ‘eyombango ngendawo’ yabaKhwanazi

UKUNGABI khona kozinzo esizweni sakwaMkhwanazi, kwaMpukunyoni, esiholwa yiNkosi uNtokozo Mkhwanazi sekusukumise uMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, okwenze kwabizwa imbizo ezokuba ngeSonto kule ndawo ukuxazulula lolu daba. Isimo simuncu...