Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 UNadia Nakai ne-albhamu akhumbula ngayo u-AKA

UNadia Nakai ne-albhamu akhumbula ngayo u-AKA

by | 11 February 2025

NONHLAKANIPHO SHINGA

INTOKAZI eyayithandana noKiernan Forbes owayedume ngelika-AKA, uNadia Nakai, useveze ukuthi ekupheleni kwale nyanga uzokhipha i-albhamu azophinde abungaze kuyona lo mculi osekuphela iminyaka emibili namhlanje ngoMsombuluko abulawa.

Le albamu ezophuma ngoLwesihlanu ngomhlaka 28, ibizwa ngokuthi yi-Bragaccy, uthi kakulona iqoqo lezingoma kepha yindlela akhumbula nahlonipha ngayo u-AKA nangeqhaza alibamba emkhakneni wezomculo nasempilweni yakhe. Uthi unethemba lokuthi i-Megacy, ongungabalandeli ba-AKA bazowuthokozela lo mculo.

Uthi i-Bragaccy ifana nencwadi yothando ayibhalele u-AKA. Kwashaqeke abaningi ngomhlaka 10 kuNhlolanja (February) wangonyaka ka-2023, kudutshulwa kubulawa lesi sihlabani somculo ebesingaconsi phansi kubalandeli baso. U-AKA wabulawa noTebello “Tibs” Motsosane, owayengumngane wakhe, eMorningside, kuFlorida, eThekwini.

Ukubulawa kuka-AKA kushiye abaningi bengawuvali umlomo ikakhulukazi emkhakheni wezomculo kube sekuvela nokuthi ngaphambi kwalesi sigameko wayeke wathola ukuxwayiswa ngabathile ukuthi angalinge alubhade eThekwini ngemuva kokushona kwengoduso yakhe u-Anele Tembe, okuthiwa bathi bekade benengxabano ehhotela eliseCape Town, waziphonsa phansi washona. Ngemuva konyaka kushone u-Anele, u-AKA ube eseveza ukuthi usethandana noNadia Nakai kanti abaningi bakhombise ukubujabulela ubudlelwano babo nomndeni wakhe u-AKA.


“Kule albhamu kuningi okuzoqhamuka ebengifisa ngabe ngakwazi ukukusho kuyena u-AKA, ngizokusho kuyona le-albhamu. Lena kuseyindlela yokuzelapha ngemuva kokulahlekelwa ngumuntu engangimthanda,” kusho yena.


Phakathi kwamasingili asewakhiphile kukhona ingoma ethi-“M.E.G.A” ayenzo noCindii Masina, yingoma ayenze nentokazi yaseThekwini uShekhinah ethi “Missing You”, ephrojuswe nguZakes Bantwini. Ngemuva kokumemezela ukuphuma kwale albhamu, abalandeli bakhe naba-AKA kubonakale bekhombisa ukuzithakasela lezi zindaba.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...