
UQHAKAMBISE izinkakha zokusakaza ezingasekho emhlabeni umsakazi ophinde abe yisikhulu seGagasi FM u-Alex Mthiyane ebungazwa ngokuba semkhakheni wezokusakaza iminyaka ewu-30.
UMthiyane owaba yiphimbo lokuqala ngesikhathi iGagasi lishintsha igama lisuka kwiP4 Radio Station uhalaliselwe ngebanga aselihambile kulo mkhakha njengoba ebalwa nabanye abamnkantshubomvu kwezokusakaza nasemkhakheni wezobuntatheli.
Kulo msakazo wazakhela igama ngohlelo olwaba nedumela i-Alex and the Morning Crew.
Uhambo lwakhe luqale kwinhlangano yezokusakaza iSABC njengentatheli ngaphambi kokusabalalisa ikhono lakhe wezokusakaza oKhozini FM lapho eshiye esethula uhlelo iVuka Breakfast Show.
KwiGagasi uMthiyane ukwazile ukusabalalisa ulwazi lwakhe lwezokusakaza kubasakazi abasebasha nakwizintatheli ezingena kulo mkhakha njengoba eke waqhoqhobala izikhudla ezahlukene kulona.
Phakathi kwalezi zikhundla kubalwa ukuba ngumkhulumeli walo msakazo, iNhloko yeziNdaba neziseMatheni kumanje uqhoqhobele esokuba i-Head of Audience Experience nokuyisikhundla esigxile kakhulu ngokwenzeka emoyeni kuze kufinyelele kubalaleli.
Uphinde abe ngumethuli wohlelo lwakusihlwa lwezindaba olibizwa ngokuthi Indaba oluphinde lugabe ngezihloko Business Indaba, Sex Indaba ne-Indaba yeSintu.
NgoLwesine uMthiyane ukhumbuze abalaleli ngohambo lwakhe emsakazweni ngesikhathi ethula uhlelo lwasekuseni ngokubambisana noFelix Hlophe noMinnie Ntuli.
Ezibongela uMthiyane uthe uzizwa ethobekile futhi enomuzwa wokujabula ngebanga aselihambile kule minyaka ewu-30 eyedlule.
Uthe uNkulunkulu ube nobubele kuyena futhi ubonga abalaleli abakhombise ukuthembeka kuyena nokuhlale njalo bezilalela izinhlelo ajutsha kuzona futhi bemvumela abe yingxenye yempilo yabo yansukuzonke.
UMthiyane uphinde wabonga nozakwabo emsakazweni nalabo abamkhuthazayo wabe esezwakalisa ukuthi ukulangezelele ukubona ukuthi okuzolandela kumphatheleni.
Uqhakambise izinkakha zokusakaza ezingasekho emoyeni uMtholephi Mthimkhulu noWelcome Bhodloza Nzimande njengezidlale indima emqoka ohambeni lwakhe kulo mkhakha.
UMthimkhulu wayengumphathi lophiko lwezindaba kwaSABC KwaZulu Natal kanti uBhodloza wayengumphathi woKhozi FM.
IGagasi FM liyisiteshi esizimeli esizinze KwaZulu Natal njengoba sigabe ngezinhlelo ezahlukene nabasakazi abasebasha futhi abathandwayo ikakhulukazi ngabantu abasha.







