Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Umculi uZoe Modiga ukhuthaza intsha ukuzigqaja ngemvelaphi yayo

Umculi uZoe Modiga ukhuthaza intsha ukuzigqaja ngemvelaphi yayo

by | 16 October 2025

NGUMREPHA uYanga Chief, ngumculi uMbuso Khoza, ngumzilili uZoe Modiga noDJ Culoe De Song.

UPHOKOPHELE ukugqugquzela intsha ngomculo ukuzigqaja ngemvelaphi yayo, ukulwela ukufezekisa amaphupho ayo nokugwema izidakamizwa, umzwilili ozalelwe eMgungundlovu, wakhulela e-Eastern Cape, uZoe Modiga, ongumculi we-afro pop ne-jazz.

UZoe utshele ILANGA ukuthi ukucula kumfake ugqozi lokuqonda kahle imuva lakhe, nokuzikhathaza nangekusasa lakhe.

“Ngikhulele eMgungundlovu ngapha-mbi kokuya e-Overport, eThekwini. Ngikhulele nase-Eastern Cape lapho ebesengihlala khona nomama. Ngifisa ukuba intsha yasezindaweni engikhulele kuzona iziqhenye ngami.

“Kubalulekile ukuthi ikholelwe kwekwenzayo, futhi ingalilahli ithemba empilweni, njengoba iningi selaphelelwa yithemba ngenxa yezinkinga zempilo,” esho.

UZoe ubeyingxenye yomcimbi wakwaCastle Milk Stout, okhuthaza ukuzigqaja ngesintu, ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Songs to Savour”, obungeSonto eGoli. Phakathi kwabaculi abebeyingxenye yalo mcimbi, bekukhona uMbuso Khoza ocula amahubo esintu, uCuloe De Song onguDJ, noYanga Chief ongumrepha wodumo kuleli.

“Kuyintokozo enkulu ukunikwa ithuba lokugudlana nezingwazi eziyibekile induku ebandla ngamakhono azo,” esho.

UMbuso ugcizelele ukubaluleka kokuzigqaja ngemvelaphi nolimi owaluncela ebeleni. Uthi kumqoka ukwazi ukuzimela empilweni ngaso sonke isikhathi, ukwazi ukumelana nobunzima bempilo.

UCuloe de Song uthe uzigqaja ngokuthola ulwazi ngempilo yakhe nokuzazi ukuthi ufunani emhlabeni.
Uthe uthuke kabi ehambele phesheya kwezilwandle, wabona abohlanga bethokozela izingoma zakhe, okwenze wabona ukuthi abantu baphesheya bayakwazi ukujabulela umculo wakuleli, noma bengaluqondi ulwimi okuculwa ngalo.

UHetisani Makhubela, oyiBrand Manager kwezokumaketha kwaCastle Milk Stout, uthe kuningi abaphezu kwakho ukuqwashisa intsha ngobumqoka bokwazi usiko nemvelaphi yayo, nokuzigqaja ngolwimi isebenzisa umculo njengethuluzi lokuzimela.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...