Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Lihlehlisiwe elibhekene noMengameli we-SAFA

Lihlehlisiwe elibhekene noMengameli we-SAFA

by | 5 December 2024

ISITHOMBE NGABE: THE CITIZEN

INTATHELI YELANGA

LIHLEHLISELWE uLwesibili womhla ka-10 kwephezulu icala elibhekene noMengameli weSAFA uMnu Danny Jordaan nasolwa nabo uMnu Gronnie Hluyo noMnu Trevor Neethling.

UJordaan nasolwa nabo bavele ngoLwesine eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge eGoli.

Babhekene namacala athinta inkohlakalo okuthiwa yenzeka phakathi kweminyaka 2014 no-2018.

Ngalesi sikhathi uJordaan wabe esolwa ngokusebenzisa izinsiza seSAFA ezintweni ezithinta impilo yakhe yangasese.

Ngesikathi bevele ngokwedlule enkantolo banikezwa ibhayili yesamba esiwu-R20 000 babe sebeyalelwa ukuba bajngaxhumani nofakazi bombuso.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...