Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘UMsholozi uzungezwe ngabantu abangalungile kwiMK Party’

‘UMsholozi uzungezwe ngabantu abangalungile kwiMK Party’

by | 19 June 2025


YIZE obengunobhala-jikelele woMkhonto weSizwe Party (MKP), uMnu Floyd Shivambu, ethi ufunde okuningi kwipolitiki kulezi zinyanga eziyisithupha ekuleli qembu, uthi kunezinto ezingalungile ebezibona zenzeka ngaphakathi.

UShivambu ubebambe isithangami nabezindaba eSandton, eGoli, namuhla ngoLwesine, ecacisa ngekusasa lakhe kwipolitiki. Uthi ngesonto elizayo, yena nabathile bazoqala umbhidlango wokuhambela zonke izifundazwe, bezwe “amanzi ngobhoko”, ukuthi abantu baseNingizimu Afrika, bayalidinga yini iqembu elisha lepolitiki.

Uthe akakesuli ekubeni yilungu leMKP, futhi akaziboni esula kuyona. UShivambu, owadilizwa esikhundleni sokuba ngonobhala-jikelele weMKP, ngomhla ka-3 kuNhlangulana (June), uthi kunabantu eqenjini, abebemkhuluma kabi.


“Kwathiwa ngisezinhlelweni zokuketula uMengameli, uMnu Jacob Zuma. Kwathiwa futhi kunabantu abathile, engifuna ukuba gudluza. Abantu abebesho lezo zinto, yilabo abakwiMKP, ngezinhloso ezingasile, abazele ukuzokweba imali yeqembu. Kunemali engu-R700 000, ebikhishwayo esikhwameni seMKP, njalo ngenyanga. Ngakukhuza lokhu ngoba ngibona ukuthi iqembu lizosala lingasenamali.


“Ngisebenze kakhulu kwiMKP, ngiletha abaholi bezenkolo, abaholi bomdabu, abelaphi bendabuko, ngidweba umthethosisekelo weqembu, ngisungula izinhlaka zabesifazane, nezabantu abasha. Kunabathile ababhala incwadi bayifaka epotumendeni likaMengameli uZuma, bebhale izinto ezingelona iqiniso ngami.

“Ngikholelwa ukuthi alikho iqembu lepolitiki okufanele ligxile esifundazweni esisodwa, libe ngolohlanga oluthile, noma kube yinto yomndeni othile,” kusho uShivambu.

Uthe bazongqongqoza eminyango yabantu abanezwi nesithunzi ezweni, bezwe izimvo zabo ngokusungula inhlangano entsha yepolitiki.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...