Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuhlehlile ukugwetshwa kukaRosemary nozakwabo

Kuhlehlile ukugwetshwa kukaRosemary nozakwabo

by | 1 September 2026

UKUGWETSHWA kukamalugaju owayeyiphoyisa uNomia Rosemary Ndlovu nozakwabo abalahlwe yicala lokuzama ukubulala, kuhlehlele umhlaka 15 September.

UNdlovu noNomsa Mudau bebevele enkantolo yeSifunda yaseKempton Park, eGoli ngoLwesibili. Balahlwe yicala lokuzama ukubulala owayengumyeni kaMudau. Kuthiwa bathenga inkabi ukuthi isoconge owayengumyeni kaMudau kodwa yona yahamba yayomtshela ngetulo lokumbulala elihlelwe uNdlovu noMudau. Bobabili balahlwe yileli cala ngoMay nonyaka futhi bekulindeleke ukuthi bagwetshwe namuhla.

Bahamba leli cala nje uNdlovu uvele udonsa isigwebo sodilikajele abayisithupha neminyaka engu-125 ngamacala okubulala izihlobo zakhe ayezibhalise kumshwalense.

Walahlwa yilama cala wagwetshwa ngo-2021. Ngesikhathi salama cala ayebhekene nawo wayengundabamlonyeni njengoba kwakuvela namaVideo ehlela ukubulala izihlobo zakhe ayezibhalise kumshwalense. Iningi lazo waphumelela ukuzibulala kwabakhona nemali ayithola. Kwezinye izigameko wayezama nokuthenga amaphoyisa ayesebenza nawo ukuthi ambulalele izihlobo kodwa kwakhona aqoqa ubufakazi aphenduka ofakazi benakantolo.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...