
UKUCHITHWA yinkantolo kobengungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, Kwa-Zulu-Natal, uNkz Mbali Shinga (osesithombeni), kuzonqinda amandla uhulumeni wesifundazwe ukuthi ukwazi ukuthatha izinqumo ngokukhululeka njengoba iqembu lakhe iNational Freedom Party (NFP), lingasekho kuhulumeni wobumbano.
Lokhu kuvezwe ngumhlaziyi wezepolitiki, uMnu Zakhele Ndlovu. Utshele ILANGA ukuthi uhulumeni wobumbano ubuyiningi ngesihlalo esisodwa, obekungeseNFP, obekwenza uhulumeni wesifundazwe ube namandla okuthatha izinqumo. Uthe manje usunamandla alinganayo nawamaqembu aphikisayo, njengoba izihlalo ziwu-80 zizonke. Lokhu kudalwe wukuthi iNFP ithe isijoyina amaqembu aphikisayo.
“Sekuzoba nzima ukuthi uhulumeni wesifundazwe ukwazi ukuthatha izinqumo ngokuzimela, sekumele usebenzisane namaqembu aphikisayo. Akukho abangakuphasisa bengavumelene namaqembu aphikisayo.
“Njengoba iNFP yakuveza ukuthi kayiseyona ingxenye kahulumeni wobumbano, sekumele bancenge ozongena esikhundleni sikaNkz Shinga njengelungu lesishayamthetho ukuthi asebenzisane nabo. Uma sekufungiswe ilungu elisha, sebezoba semseni walo ukuthi liyavuma yini ukusebe- nzisana nohulumeni wobumbano,” kusho uNdlovu.
Uthe njengoba uNkz Shinga echithwe yinkantolo, usengaqhubeka nokufaka isicelo sokubuyekezwa kwecala lakhe, kodwa ngeke esakwazi ukuvimba ukuthi kufungiswe ilungu elisha esikhaleni sakhe, njengoba inkantolo ithe lolu daba kaluphuthumi.
USomlomo wesiShayamthetho KwaZulu-Natal, uNkz Nontembeko Boyce, usevumile ukuthi kufungiswe ilungu elisha leNFP esishayamthetho ukuvala isikhala sikaNkz Shinga. Unobhala weNFP, uMnu Bheki Xaba, uthe sebevumelene nosomlomo wesishayamthetho ukuthi bazofungisa uMengameli weNFP, uMnu Ivan Barnes ngoLwesibili.
UNdlovu uthe njengoba kuzovuleka isikhala sikangqongqoshe ngokuhamba kukaNkz Shinga, kuzoba semandleni kaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ukuthi kukhona yini ambambisa sona.
“Umuntu okuyomele angene esikhundleni, kumele kube yilungu lesishayamthetho njengoba noNkz Shinga ubekulesi sikhundla ngenxa yokufungiswa kwakhe. Usengabamba nje omunye ongaqokwa nguNtuli emalungwini esishayamthetho, kodwa ngeke kwenze mehluko uma kuvotelwa ukuthi kuphasiswe izinto ezithile kuhulumeni wesifundazwe,” kusho uNdlovu.
Izinkinga zikaNkz Shinga ziqale ngoZibandlela (December) nyakenye, ngesikhathi iqembu lakhe limnxusa ukungavoti nohulumeni wobumbano, ngesikhathi kuphakanyiswa ukungabethembi ubuholi bukaNtuli. Emuva kokunqaba umyalelo weqembu, lisebenzise uhlelo lwangaphakathi ukumshushisa, wagcina echithiwe kulona. Ubesahleli ngenxa yomyalelo wenkantolo eyathi makabuyiselwe okwesikhashana esikhundleni sakhe, kodwa yagcina imchithile.







