Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kusolwa ukwebiwa kwemfuyo kutholwa abane beshisiswe

Kusolwa ukwebiwa kwemfuyo kutholwa abane beshisiswe

by | 20 November 2025

KUSOLWE ukwebiwa kwemfuyo kutholakala abantu abane beshisiwe endaweni yaseMatata, eNanda, eThekwini, kuzosa kube wuMgqibelo.

Kuthiwa laba abashisiwe bebesezimotweni ezimbili, kanti eduzane kwazo kutholakale nezinkomo ezintathu ezifile, okwenza kube nesinsolo zokuthi ukubulawa kwabo kuhlobene nokwebiwa kwemfuyo. Amaphoyisa athi abizelwe endaweni yasigameko, lapho obekushiswe khona izimoto ezimbili.

Esefikile endaweni yesigameko, athole isidumbu ebesishe singasabonakali emotweni yohlobo lweNissan NP200. Aphinde athola ezinye izidumbu ezintathu nazo ebezishisiwe, ebezikwenye imoto yohlobo lweToyota Rumion, nayo ebeyishe, ingasabonakali. Amaphoyisa athi athole izinkomo ezifile eduzane neNP 200.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe imbangela yokubulawa kwalaba ibingakaziwa, kodwa kunezinsolo zokuthi kuhlobene nokwebiwa kwemfuyo. Uthe amaphoyisa athungatha ababulali, kanti uhlelo lokuhlonza izidumbu luyaqhubeka.

UMnu Makhosini Luthuli oyikhansela lakuWard 2, okuyilapho kutholakale khona izidumbu, uthe indaba yokwebiwa kwemfuyo kule ndawo ike yahlupha phambi-lini, kodwa bese bezitshela ukuthi isiphelile. Uthi yize engayanga endaweni yesigameko, kodwa umbiko uwutholile ngokwenzekile.

“Yize ngingenayo imininingwane egcwele kodwa zikhona izinsolo zokuthi okwenzekile kuhlobene nokwebiwa kwemfuyo. Phambilini le nkinga ibikhona lapha endaweni kodwa ike yathi ukuthula, sazitshela ukuthi isidlulile. Inselelo enkulu esibhekana nayo wukuthi indawo esihlala kuyona iseduzane namahlathi, okwenza kube lula ukuthi izigebengu zebe imfuyo,” esho.

Uthi kakusona isigameko sokuqala lesi lapho abantu betholakala beshisiwe, yize kulesi esinye sasingahlobene nokwebiwa kwemfuyo. Uthi kulaba abatholakala, kwagcina kuvela ukuthi babeqhamuka eMlazi naseLamontville, kungebona abantu bendawo.

Uthe nabo laba abatholakale beshisiwe, kawukho umbiko asewutholile ukuthi ngabakuphi njengoba kusalindwe imindeni ukuba iyohlonza izinsalela ezitholiwe. Uthi nabafuyi uyabahlaba ngokushiya budedengu imfuyo, okugcina kwenza kube lula ukuthi izigilamkhuba zizenzele kuyona.

“Enye inkinga esiba nayo wukuthi umuntu ufike athenge izinkomo, kodwa isibaya engenaso. Lokhu kugcina kuholele ekutheni izinkomo nezimbuzi zihlale emgwaqweni, zishayiswe yizimoto ezinye zebiwe.

“Ngicabanga ukuthi kuzosiza ukuthi kube khona indawo lapho kuzogcinwa khona izinkomo noma imfuyo etholakala isemgwaqweni, kuthi umniniyo uma esevela, ahlawuliswe ngaphambi kokuba ayithathe. Lokhu kuzosiza ukunciphisa ukuthi abantu bangayinaki imfuyo yabo,” kusho uLuthuli.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...