
BAMISELWE izinsolo zenkohlakalo abaphathi benyuvesi, okusolwa ukusetshenziswa kwemali eningi beziqashela onogada babo.
Ngokuthola kweLANGA, umphathi waseMangosuthu University of Technology (Vice Chancellor) uSolwazi Nokuthula Sibiya, isekela lakhe uDkt Bheki Ntshangase nomqondisi omkhulu wakwa-Operations, uDkt Buhlebakhe Msomi, bamiswe emsebenzini ngeledlule.
Kubikwa ukuthi ekuqaleni kwalo nyaka, lezi zikhulu ziqashe inkampani ezogada zona. Inkampani igada uDkt Ntshangase noSolwazi Sibiya, kwase kugunyazwa lokho nguDkt Msomi. Kuvela ukuthi inkampani eqashiwe akusiyona esebenza ngaphakathi, eqashwe yinyuvesi, kuqashwe entsha ezogada bona ngokukhethekile, kwangalandelwa imigomo efanele.
Kuthiwa okusolise kakhulu ngalokhu kuqashwa kwenkampani, wukuthi ikhokhelwe u-R7 million ngaphambi kokuba iqale umsebenzi.
“Okususe umsindo wukuthi kwenzeke kanjani ukuba inkampani ikhokhelwe imali enkulu kangaka, ingakawuqali umsebenzi, nokuthi kungani kungalandelwanga imigomo efanele?
“Okunye okuxakayo wukuthi awukho umbiko owathulelwa umkhandlu wenyuvesi wokuthi isengcupheni impilo yomphathi (Vice Chancellor) ukuze kuthathwe isinqumo sokugadwa kwakhe nesekela, ngokuvumelana komkhandlu,” kusho umthombo.
Uthi uma bekudingeka ukugandwa kwalezi zikhulu, bekufanele kuthathwe onogada kule nkampani esebenza enyuvesi, enenkontileka.
“Inyuvesi ayinawo umlando wokugadwa kwabaphathi ngaphandle koyedwa owake wagadwa eminyakeni edlule. Lokhu okwenzekile kungezinye zezinto ezenze ukuba kubhekisiswe kabanzi,” kuqhuba umthombo.
Kuthiwa le nkampani yonogada eqale kulo nyaka, ibikhokhelwa imali elinganiselwa ku-R2 million ngenyanga, futhi inezisebenzi ezingaphezulu kwamashumi amabili ebezenza umsebenzi wokugada impilo yalezi zikhulu.
USihlalo womkhandlu wale nyuvesi uDkt Mosidi Makgae ukhiphe isitatimende esithi akufinyelelwanga kalula kulesi sinqumo sokumiswa kwalezi zikhulu. Uthe okwamanje umkhandlu uqoke uDkt Annette Mienie ozobamba, aphathe inyuvesi esikhundleni sikaSolwazi Sibiya.
Kuvele nokuthi inyuvesi isilwenzile uphenyo, kulindwe isigcawu sokuqondiswa kobugwegwe.
UMengameli weConvocation yaseMangosuthu uMnu Sandile Dlamini, uthe bazwile ngokumiswa kwezikhulu. Utshele ILANGA ukuthi umthetho kumele udlale indima yawo.
“Asihambisani nenkohlakalo, uma begangile ababhekane nengalo yomthetho. Asikwazi ukukhala ngemali enyuvesi ukuthi kayikho, bese kuba nemali ekhishwa ngendlela engekho emthethweni. Kunezitshudeni ezingakaze zithole iziqu zazo ngoba zikweleta inyuvesi, kungani kungasizwa lezo zitshudeni, zikhokhelwe ngayo le mali uma inyuvesi inemali,” kusho uDlamini.
USolwazi Sibiya, uqashwe kulesi sikhundla ngoNcwaba (August) nyakenye, emuva kokumiswa kukaSolwazi Marcus Ramogale, owayemiselwe izinsolo zenkohlakalo. Naye wayengene kumiswe uDkt Enoch Malaza naye, owayemiselwe izinsolo zenkohlakalo.







