Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ithengwe yisiqumama saseThekwini iRoyal AM

Ithengwe yisiqumama saseThekwini iRoyal AM

by | 27 March 2025

IGCINE ithengwe yisiqumama saseThekwini iRoyal AM ebifakwe endalini yiSARS esiveze ukuthi sinethemba lokuyivikisa izembe kwiBetway Premiership elisemahlombe alo.


ILANGA lithole ngemithombo yalo ezazi zonke ukuthi le kilabhu ithengwe nguRoy Moodley ongusomabhizinisi odumile eThekwini namaphethelo, futhi onamahhashi amaningi ajwayele ukubonakala kwiHollywoodbets Durban July.

Exoxa neLANGA uMoodley uthe usalinde isinqumo esiwujuqu kwiPremier Soccer League (PSL) eholwa ngu-Irvin Khoza. Kuthiwa iPSL ikumise konke ukumemezela mayelana nalesi sinqumo ukuze ithole ulwazi olwanele kubanikazi abasha ngezinhlelo zabo ngale kilabhu.

UMoodley uthe uzoqhubeka nabaqeqeshi abakhona nakho konke okwekilabhu, bese kubonakala ngokuqala kwesizini.

“Bengivele nginesifiso sokuba nekilabhu egijima kwiBetway Premiership. Kangifuni ukushintsha izinto ngoba sisesikhathini esibucayi. Mayelana nendawo abazodlalela kuyona, ngisazohlangana nethimba lami sibone ukuthi sizogcina ngokuqoka yiphi inkundla phakathi kweHarry Gwala neTheku,” esho.

Uqhube wathi uzohlangana nabadlali be-AM kusasa ngoLwesihlanu eMgungundlovu.


Ngokuthola kwezimpukane zeLANGA, kuthiwa uMoodley ufake isicelo sokuthenga i-AM ngemali engango-R35 million. I-AM igcine ukudlala ngokunyaka odlule ngoZibandlela (December) neTS Galaxy.

Le kilabhu bese ingaphansi kukaJaco Venter oyi-curator yakwaSARS. Izinkinga zale kilabhu zigcine seziholele ekutheni ikhishwe kwiNedbank Cup nakwiDDC ngoba igcine yehlulekile ukuqhubeka nemidlalo.

Kuthiwa abaphathi abasha sebeqalile izingxoxo nekhempu kaSamir Nurkovic ngenhloso yokuba ehlise imali okufanele akhokhelwe yona.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...