Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uphinde wathwala kanzima u-Adams evela kwekaMadlanga

Uphinde wathwala kanzima u-Adams evela kwekaMadlanga

by | 19 August 2026

UTHWALE kanzima uMholi weNational Coloured Congress, obuye abeyilungu lePhalamende, uMnu Fidel Adams, ngeLwesithathu, ngesikhathi evele kuKhomishana yeJaji uMbuyiseli Madlanga, eqhubeka eBridgette Mabandla Justice College, ePretoria.

U-Adams, wavela kafishane kuleKhomishani, ngoLwesibili lomhlaka 11 kuNcwaba (August), kodwa kwahlehliselwa usuku lwangoLwesithathu, lomhlaka 19, ngoba izitatimende ezifungelwe, ezizosetshenziswa ukweseka ubufakazi bakhe, wazithumela ngoMsumbuluko womhlaka 10, ebusuku.

IJaji uMadlanga, belimxine kabi u-Adams, ngoLwesithathu, limbuza ukuthi njengoba atshelwa ngomhlaka 3 kuMfumfu (October), wangunyaka odlule, ukuthi kuzofanele avele kuleKhomishani, ubezitheleleni ngabandayo.

IJaji liphinde lamkhumbuza, u-Adams, ukuthi wathunyelelwa ngenyanga kaMbasa (April), imiqhafazo, emtshela usuku okufanele avele ngalo kuleKhomishana.

UMnu Adams, uthi sonke lesi sikhathi ubenenkinga yeLap-top yakhe, ayinikwa ePhalamende.

IJaji uMadlanga, lithe kuzoba lukhuni ukukholwa izinto ezizoshiwo ngu-Adams, ngendlela aziphatha ngayo, nangayihloniphi ngayo iKhomishani.

Ugcine esexolisile kwiKhomishani ngokuyibambezela, kodwa wathi abaMmeli bakhe, bathe kuzofanele axhumane nabo ngaphambi kokwethula ubufakazi ngezitatimende ezifungelwe, azethula.

U-Adams, wasolwa ngMkhuzi wamaPhoyisa, KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, ngokuba ngomunye woSopolitiki abagxambukelayo, baphazamise ukusebenza kwamaphoyisa, ezweni.

Kuthiwa waya ejele laseWestville, wafaka imibuzo omunye wababesolwa ngokuthinteka ekubulaweni koMholi oPhiko lweNtsha ye-ANC, uMnu Sindiso Magaqa.

U-Adams, utshele abakwa ENCA, ukuthi konke ayekwenza wayelungisa izinto ezweni ngoba “iPhalamende libolile, izwe libolile, namaphoyisa abolile”

Ezisematheni

Sitheleka namuhla e-Eastern Cape isidumbu sikaDkt Mlambo Ngcuka

Sitheleka namuhla e-Eastern Cape isidumbu sikaDkt Mlambo Ngcuka

KULINDELEKE ukuthi isidumbu sowayeyisekela likaMengameli wezwe lokuqala lesifazane kuhulumeni wentando yeningi uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka (71), sitheleke namuhla (ngoLwesine) e-Eastern Cape lapho ezofihlelwa khona. UDkt Mlambo-Ngcuba ushone ngoLwesihlanu olwedlule....

I-DA neMK Party basenethemba ngesobumeya eThekwini

I-DA neMK Party basenethemba ngesobumeya eThekwini

I-DEMOCRATIC Alliance ithi isenethemba ngokuthi izingxoxo zisengayivuna ukuphatha iTheku, nakuba iqina imibiko yokuhlangana kwe-MK Party, ANC, ActionSA ne-EFF, ukuphatha lo masipala omkhulu KwaZulu-Natal. NgoLwesibili uhlalile umhlangano wokuqala walo masipala,...