
UMnu. S’bahle “Thwishika” Cebekhulu, ozinze ePinetown, eThekwini, ubhale incwadi ngomlando wesizwe sakwaCebekhulu nemvelaphi yaso. Uveza ukuthi abantu bakwaCebekhulu, baziwa ngokuthi ngabaseMaNgweni (aMangwe), babodwa nabakwaZwane, Hudla, Linda, Nsele, noNdiweni. Baphuma eNdlini kaLinda kaMafu, kaNsele II, kaZikode. Laba bantu sibathola laphaya eNhlazatshe, phezu kweMfolozi emhlophe, uma ubheke eVryheid. Babeholwa nguKhuzwayo (igama lomuntu hhayi isibngo), owazala uGobo owazala uMzimba, okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaCebekhulu.
UMZIMBA UNIKWA IGAMA LOKUTHI UNGUCEBEKHULU.
UMnu. S’bahle Cebekhulu incwadi ayibhalile isihloko sayo sithi ‘UMZIMBA IQHAWE LIKASHAKA”. Uthi laphayana eMangweni, kwakukhona ukufa kwensizwa, eyayiyiqhawe elibatshazwayo. Le nsizwa kwakunguMzimba, indodana kaGobo, yalwa kwenye yezimpi okwakukhona kuyona iSilo uShaka. Kuthiwa uMzimba walwa waze wasala yedwa, ezinye izinsizwa sezibalekile.
ISilo uShaka, sabuza ukuthi ngubani le nsizwa elwisa okwebhubesi, enobuqhawe obesabekayo, ingubani, sathola ukuthi nguMzimba kaGobo lowo. ILemb,e libe selithumela kuMangethe, iNkosi yakwaZwane, liyocela izinsizwa ezizoba ngamabutho alo ngoba lalihlanganisa isizwe, ngaleso sikhathi. ISilo uShaka, sagcizelela ukuthi bangamshiyi uMzimba kulawo mabutho akhishwa iNkosi yakwaZwane.
UMzimba walwa izimpi zeLembe, eyaseMaMpondweni, eyaKwaGqokli, neyaKwaNtunjambili. ILembe limkhonze kakhulu uMzimba, lamsikela izwe eBabanango lamxoshisa ngezinkomo eziningi. ISilo sibuye sathi hhayi, uMzimba akahambe ayosibhekela izwe phakathi kwemifula aMatigulu noThukela, laphayana wakha umuzi waseMangethe, ehlonipha inkosi yakubo kwaZwane.
ILembe aligcinga lapho, lanika uMzimba isikhundla sokuba yinduna yebutho lamaWombe (uMbelebele), owakuyibutho alalibuthwe yinkosi uSenzangakhona. AmaWombe, kwakuybutho elibalulekile ngoba abaNtwana baseNdlunkulu kaZuluu, uDingane, uMpande, uMhlangana, noMaphitha bebekuleli butho. UMzimba uhlababa nje, uxoshiswa yiLembe ngemihlambi yezinkomo, uyise uGobo usaphila. UGobo ebona izinkomo zibulala inyoka emzini waseMangethe, wathi “Hhawu Mzimba mfana wami, usucebe kakhulu!”. Kwaqala kanjalo-ke ukuthi uMzimba kaGobo abizwe ngoCebekhulu. Uzalo lwakhe uMzimba lwabe seluba ngabakwaCebekhulu.
ABAKWACEBEKHULU BANIKWA IZWE LASENSELENI.
ISilo uShaka, sathi ngoba izinkomo zikaMzimba zaziningi kakhulu, akanikwe elinye izwe phakathi kwemifula iNseleni noMhlathuze. Wakhe khona wabanabalandeli bakhe, basungula isizwe. Phakathi kwabantu ababekhona esizweni sakwaCebekhulu, kwakunguSomanxiwa kaLomageje kaGaqa wakwaKhoza. USomanxiwa, wayeyinyanga edumile, umnewabo kaBhejane kaLomageje, wayeyinduna ngesikhathi seSilo uCetshwayo.
UMzimba laphayana eNseleni, wayenenkunzi eyayigila izimanga, yayithi uma ibhonga kuguqubale izulu, lidume. Kuthiwa sekubusa iSilo uMpande, sakhipha umyalelo wokuthi uMzimba kaGobo, iqhawe likaShaka, akabulalwe ngoba uyathakatha, usebenzisa le nkunzi yakhe, eyayibhonga kudume izulu, ukugila imikhuba. UMzimba ushiye emhlabeni inkosana yakhe uBizo, ngoba namanye kunendawo eNseleni, phesheya komfula iNdondwane, esabizwa ngokuthi kusoBizo.
Izwe iLembe elalilisikele abakwaCebekhulu, eNseleni, kwathi phakathi kweminyaka u-1902 kuya ku-1904, uSir Charles Saunders (uMashiqela), owayeklama imingcele, walithatha walinika ebelungu bamapulazi, batshala umoba.
ABAKWACEBEKHULU NENDLUNKULU KAZULU.
UBizo indodana kaMzimba, ugcine eseyinkosi ngoba wayenesizwe nabantu ayebaphethe, INkosi uBizo iphile isikhathi eside, yahamba emhlabeni isizele uMkhonto, inkosana yayo. INkosi uMkhonto, wayewuPhefeni (iMbokodebomvu), ibutho lakhe. NeSilo uDinuzulu kaCetshwayo, sasikulo leli butho, neNkosi uMfungelwa kaMavumengwana Ntuli (oYaya, emzini wasoDidini). Ngemuva kweMpi yaMakhanda, (kaBhambatha kaMancinza Zondi), iSilo uDinuzulu saboshwa, setshweswa icala lokucashisa abaShokobezi (abalandeli bakaBhambatha).
Icala leSilo uDinuzulu, lathethwa eMdlovana, ngoba laze lagoqwa ngo-1908. INkosi uMkhonto kaBizo Cebekhulu, yafakaza kulelo cala, ivikela iSilo uDinuzulu. INkosi uMkhonto kaBizo, yathi iSilo siyasukelwa ngoba satshelwa nguMashiqela (Sir Charles Saunder) ukuthi “uhlanya” olunguBhambatha seluketule uyise omncane uMagwababa esihlalweni sobukhosi baKwaZondi, eNgome, eMsinga, nokuthi “uhlanya” olunguBhambatha lulwa nabelungu. ISilo uDinuzulu sagcina sigwetshiwe yize noma amakhosi okwakukhona kuwo yona iNkosi uMkhonto kaBizo ayesiphikela.
“UMA… KUTHUKA…KWENZEKA.”
INkosi uMkhonto kaBizo, izale uMncinzeni, inkosaa yayo. INkosi uMncinzeni ibengesinye sezethenjwa namadoda aqotho ebukhosini bukaZulu. Lokho kwabonakala ngoba phakathi koNdlunkulu bayo, kwakukhona uMntwana uJoana Ntitisana, indodakazi yeSilo uDinuzulu. Amanye amadodakazi eSilo uDinuzulu, uMntwana uHarriette Phikisile wagana uMmeli uPixley ka-Isaka Seme, uMntwana uMagogo Constance, wagana iNkosi uMathole kaMkhandumba Buthelezi, uMntwana uMpiyamaxhegu kaDinuzulu, wagana iNkosi uMdibanisi Dlamini, eNhlanwgini, omunye wabaNtwana beSilo uDinzulu, wagana iNkosi uMhloluthini kaSicoco Mbatha. UMntwana uJoana Ntintisana ugane iNkosi uMncinzeni kaMkhonto Cebekhulu, inkosi isindala.
Ngesikhathi uMntwana uNtintisana ekhulelwe, iNkosi uMncinzeni Cebekhulu, yayisidunguzela kakhulu. Yakhipha uzwi nomyalelo isilele phansi embhedeni inkosi yathi” Uma kuthuka….kenzeka..lengane ekhulelwe nguNdlunkulu, uMntwana, kuba yingane yomfana yiyona eyophatha isizwe sakwaCebekhulu,”. INkosi uMncinzeni kaMkhonto kaBizo kaMzimba, yedlulile emhlabeni. Isanda kudlula nje emhlabeni, uNdlunkulu wasala wathola ingane yomfana izalukazi zathi igama laleyo ngane nguThukazwenzeka, njengoba iNkosi uMncinzeni yashiya ishilo.
UMntwana uThukakwenzeka, ubeyinkosi yesizwe sakwaCebekhulu, oBizo, uphathe waze wakhothama. Ekuqaleni kweminyaka yama-90’s kubekwe esihlalweni iNkosi uNsikayezwe Russel Cebekhulu. INkosi uNsikayezwe uyilungu lePhalamende likazwelonke, noSihlalo wePolitical Oversight Committee ye-IFP, njengamanje. INkosi uZenzo Khuluma ngifile Zungu wesizwe saKwaMadlebe, eMevamhlophe, eMpangeni uganwe ebukhosini bakwaCebekhulu, eNdlini yaNkosi uBizo.
AMAQAHAWE EZILOMO ZASEMANGWENI.
-INkosi uRuseel Nsikayezwe Celekhulu, MP.
-I-Athur ‘10111″ Zwane, owayedlelela iBafana-bafana.
-UPhillip Bafana Zwane, oyengusakazi woKhozi FM.
-“UMangethe” osakaza uhlleo lwezitimela oKHOZNI FM
IMITHOMBO:
Incwadi ebhalwe nguMnnu.S’bahle Cebekhulu ethi “UMzimba iqhawe likaShaka”, itholakala KwaMakhutha library (kaMasipala).







