Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 INkosi uSigananda yabuvikela ubukhosi bukaZulu kwaze kwaba sekugcineni

INkosi uSigananda yabuvikela ubukhosi bukaZulu kwaze kwaba sekugcineni

by | 19 March 2026

YINKOSI uSigananda kaZokufa, okuthakazelwa ngayo abantu besibongo sakwaShezi

UMNU Khumbulani Shezi, ungusomlando wesizwe samaChube (abakwaShezi). UseNkandla, ngasesikoleni iNomachi Primary, futhi nguyena othatha abantu abakhombise izindawo ezinomlando eNkandla (uyi-tour guide). Umlando omningi anawo, uyahambisana nalowo obhalwe ezincwadini, ngesizwe samaChube, namaqhawe akhona.

ABAKWASHEZI NEHLATHI LASENKANDLA
INkandla, yisinindolo sehlathi elikhulu. Kuleli hlathi kunentaba uNomachi, isizwe sakwaShezi, esibuye saziwe ngokuthi ngamaChube, esasiphala amadwala kuyo, siwancibilikise, bese kuphuma insimbi.

AmaChube ayaziwa ngokuthi akha izinto zensimbi, okungamageja nemikhonto, babekwakhela kuyona leya ntaba, uNomachi. Izizwe ezazakha insimbi KwaZulu, yiwona amaChube, nabakwaWosiyana (abakwaNzama). 

Kulona leli hlathi laseNkandla, kukhona enye intaba phakathi okuthiwa kuKwaManziphambana. Kunempophoma kuleya ntaba, enamanzi aphambanayo. 

ISilo uShaka (iLembe) kaSenzangakhona, sasihlobene nesizwe samaChube, ngoba iNkosi yakwaShezi, uMvakela kaDlaba, wayengukanina weLembe, bobabili babezalwa yizintombi zakwaMhlongo, (emzini waseNguga). Yingakho ngesikhathi iLembe, lilwa nempi yeNkosi uZwide kaLanga Ndwandwe, lathatha izinkomo, izingane namakhosikazi, lakufihla ehlathini laseNkandla, ngoba lalazi ukuthi uMvakela, ngeke elihlinzele ezibini. 

Yingakho ezibongweni zeLembe, kuthiwa “Uze noMvakela ezalwa nguDlaba emaChubeni!”

INKOSI USIGANANDA KAZOKUFA KAMVAKELA KADLABA SHEZI
Abantu nesizwe sakwaShezi, baziwa ngeNkosi uSigananda kaZokufa. Yinkosi lena eyabona ukubunjwa kombuso kaZulu, nalapho umbuso wamaNgisi uzama ukuwuhlakaza. 

INkosi uSigananda, kuhlawunjiselwa ukuthi yayizalwe ngo-1810, yaze yakhothama ngo-1906, isineminyaka ewu-96. Ngesikhathi iLembe, lihlanganisa izizwe, lakha umbuso kaZulu, uSigananda wayehamba namabutho ewudibi – ewaphathela imikhonto, uma esekhathele endleleni, amgqogqoshe.

USigananda (engakabi yinkosi), wabuthwa yiSilo uDingane, waba sebuthweni leNkulutshane. Wayekhona uSigananda, esigodlweni eMgungundlovu, ngomhla ka-6 kuNhlolanja (Febraury) ka-1838, ngesikhathi amabutho eSilo uDingane, ebulala amaBhunu awu-70, okwakukhona kuwo abaholi bawo uPiet Retief noGerrit Maritz. 

ISilo uMpande sake sahlela ukumhlasela uSigananda, eseyiNkosi yamaChube, kodwa washeshe wezwa, wawela uThukela wabalekela esizweni sakwaZondi, eNgome, eNkosini uMancinza kaJangeni. ISilo uMpande sabuye sathumela ukuthi ilandwe eNgome, iNkosi uSigananda, ibuyele eNkandla.

INKOSI USIGANANDA IHLENGA ISILO UCESTHWAYO
Kuqubuke iMpi yaseSandlwana, ngoMasingana (January) wango-1879, isizwe samaChube, amabutho eNkosi uSigananda, alwa kuleyo Mpi. INkosi uSigananda, yayihlala esigungwini esiphezulu seSilo uCetshwayo, ihlonishwa ngenxa yolwazi eyayinalo. 

ISilo uCetshwayo sihlaselwe ngamaNgisi namabutho aKwaMandlakazi ngomhla ka-22 kuNtulikazi (July), wango-1883, isigodlo sasoNdini sesishiswa okwesibili. Kulokhu kuhlaselwa, iSilo uCetshwayo, sagwazwa ethangeni. Yiyona iNkosi uSigananda, eyathatha iSilo uCetshwayo, yasigibelisa ehhashini, sayokwelashwa emaChubeni. 

ISilo sakhothamela eDlinza, eShowe, sesizinikele kuSir Melmoth Osborn (uMalimade). Sakhothama mhla ka-8 kuNhlolanja (February) ngo-1884, satshalwa ehlathini laseNkandla.

INKOSI USIGANANDA NEMPI YAMAKHANDA
INkosi uBhambatha kaMancinza kaJangeni Zondi, ngo-1905, yahlomisa isizwe sayo ngemuva kokuthi umbuso wamaNgisi usuyidilizile esikhundleni ngoba ingafuni ukukhokha uKhandampondo. 

Amakhosi amaningi, namadoda, ezwa ngekhwelo leNkosi uBhambatha, bayeseka. AmaNgisi, akhipha umyalelo othi umuntu oyozimbandakanya neMpi yamaKhanda, uyonqunywa. Abalandeli beNkosi uBhambatha, babaziwa ngokuthi ngabashokobezi. 

Abashokobezi babehamba beyiviyo, bedlula emzini weNkosi uSigananda (eNdlamadoda), wabahlabisa ngezinkomo, wabanika nethala lemikhonto, ngoba isizwe sakhe, sasakha imikhonto. Kwaqhamuka elinye futhi iviyo labashokobezi, elalinoMehlokazulu kaSihayo Ngobese, uMangati kaGodide Ntuli, uMfungelwa kaMavumengwane Ntuli, noNjombolwane kaHluma Mathonsi. 

Leliviyo labashokobezi, lalimemeza lithi “We Sigananda! We Sigananda! Phuma eNkandla!”

AbaShokobezi, badutshulwa babulawa eweni laseMome, khona eNkandla, ngomhla ka-10 kuNhlangulana (June), ngo- 1906. Ngaso leso sikhathi, amaNgisi ayibopha iNkosi uSigananda, ngoba yabamba iqhaza, yeseka abashokobezi, yagcina ikhothamele ejele. Kuthiwa yabulawa ngamakhaz, nokwethuka, ngoba yayilaliswe phansi, inganikwanga izingubo zokulala. 

Inkosana yeNkosi uSigananda, uNdabaningi, yaboshwa ngoba nayo isolwa ngokuthinteka eMpini yaMakhanda, ngoba yaze yakhothamela eMaNgangeni, lapho yayidingiselwe khona. Abantu bakwaMajozi (amaQamu), nabakwaMnomiya, baphuma kwaShezi.

IMITHOMBO ESETSHENIZISIWE
*UMnu Khumbulani Shezi waKwaNomachi.
* Incwadi kaSolwazi Jeff Guy ethi, “The Bhambatha Uprising of 1906”.
* Incwadi “i-Illustrated History of South Africa.” 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...