Ilanga News
Home 9 Umlando 9 Mabajeze nabanye abagwamanda umbuso ukuzicebisa

Mabajeze nabanye abagwamanda umbuso ukuzicebisa

by | 18 March 2026

UKUGQUNYWA ejele kowayeyilungu lephalamende le-ANC, uVincent Smith (osesithombeni esingenhla), ngamacala enkohlakalo eyenzeka ngesikhathi esesibizwa ngokuthi kwakungesokugwanyandwa kombuso yidlanzana (state capture), kufanele kulandelwe wukujeza kwabanye abahlomula njengaye.

USmith, owayengusihlalo wekomidi lephalamende lezobulungiswa nokuhlunyeleliswa kwezimilo, wathola amantshontsho enkampanini iBosasa, eyathola ithenda ka-R1 billlion, emnyangweni wokuhlunyeleliswa kwezimilo, okuwumnyango wezamajele.

IBosasa yamfumbathisa u-R800 000, ukumvala umlomo, ukuze ayivikele ephalamende uma igxekwa ngokungawenzi ngendlela umsebenzi wayo. Nembala, emuva kokugwazelwa, uSmith, phambilini owayejwayele ukugxeka le nkampani, waphenduka igidangoma layo, eyivikela nxashane kunamalungu ephalamende ayenemibuzo ngokusebenza kwayo emajele akuleli.

USmith ugwetshwe iminyaka eyisikhombisa isiyonke ngamacala enkohlakalo, namanye okungayikhokhi intela kwiSouth African Revenue Service, emuva kokuba inkampani yakhe yahlomula u-R21 million, ngemisebenzi eyayiyenza.

Ithumba ngenkohlakalo kaSmith laqhunjuzwa wukuvela kobufakazi obabumyamanisa nenkohlakalo kwikhomishini yejaji uZondo, eyayiphenya ngokugwanyandwa kombuso yidlanzana, eyathola ukuthi wayegwazelwa yiBosasa.

Noma kuyigxathu elibalulekile ukugwetshwa kwalo mlisa, kodwa okukhonondisayo wukuthi kunenqwaba yezinye izikhulu, nababengongqongqoshe ngesikhathi sikamengameli uJacob Zuma, abasazicanasela nje, naphezu kwezinsolo zokuthi nabo babexebula umkhomo emalini yabakhokhi bentela, abanye begwazelwa ngumndeni wakwaGupta.

Lo mndeni owawusondelene kakhulu noMsholozi nendodana yakhe uDuduzane, washaya utshani ngesikhathi kuphela umbuso kaZuma ekuqaleni kuka-2018, kungena uMengameli uCyril Ramaphosa. Namanje lo mndeni usagcwele izinkalo, naphezu kwemizamo yezomthetho kahulumeni ophethe, ukuwubuyisela kuleli ukuba uzobhekana namacala enkohlakalo.

Okunenga izakhamizi ngokungashushiswa, kujeziswe labo abasolwa ngokutamuza imali yazo, wukuthi ikhomishini kaZondo yethula imiqingo yobufakazi kuRamaphosa, okwakulindeleke ukuthi (le miqulu) izosiza uphiko lwezokushushisa ukuhlanganisa ubufakazi bokushushiswa kwabasolwa.

Lokho kakwenzekanga, njengoba nenhloko yezokushushisa uNkz Shamila Batohi, isize yaqeda ihlandla layo kulesi sikhundla ngenyanga edlule, kungekho okuphathekayo ekwenzile ukushushisa labo abasolwa ngokweba imali yomphakathi. Ukugwetshwa kukaSmith yigxathu lokuqala, kodwa luselude ukhalo okusafanele luhanjwe, ukubuyisa ithemba kubantu, lokuthi ubugebengu kabukhokheli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...