Ilanga News
Home 9 Umlando 9 Mabajeze nabanye abagwamanda umbuso ukuzicebisa

Mabajeze nabanye abagwamanda umbuso ukuzicebisa

by | 18 March 2026

UKUGQUNYWA ejele kowayeyilungu lephalamende le-ANC, uVincent Smith (osesithombeni esingenhla), ngamacala enkohlakalo eyenzeka ngesikhathi esesibizwa ngokuthi kwakungesokugwanyandwa kombuso yidlanzana (state capture), kufanele kulandelwe wukujeza kwabanye abahlomula njengaye.

USmith, owayengusihlalo wekomidi lephalamende lezobulungiswa nokuhlunyeleliswa kwezimilo, wathola amantshontsho enkampanini iBosasa, eyathola ithenda ka-R1 billlion, emnyangweni wokuhlunyeleliswa kwezimilo, okuwumnyango wezamajele.

IBosasa yamfumbathisa u-R800 000, ukumvala umlomo, ukuze ayivikele ephalamende uma igxekwa ngokungawenzi ngendlela umsebenzi wayo. Nembala, emuva kokugwazelwa, uSmith, phambilini owayejwayele ukugxeka le nkampani, waphenduka igidangoma layo, eyivikela nxashane kunamalungu ephalamende ayenemibuzo ngokusebenza kwayo emajele akuleli.

USmith ugwetshwe iminyaka eyisikhombisa isiyonke ngamacala enkohlakalo, namanye okungayikhokhi intela kwiSouth African Revenue Service, emuva kokuba inkampani yakhe yahlomula u-R21 million, ngemisebenzi eyayiyenza.

Ithumba ngenkohlakalo kaSmith laqhunjuzwa wukuvela kobufakazi obabumyamanisa nenkohlakalo kwikhomishini yejaji uZondo, eyayiphenya ngokugwanyandwa kombuso yidlanzana, eyathola ukuthi wayegwazelwa yiBosasa.

Noma kuyigxathu elibalulekile ukugwetshwa kwalo mlisa, kodwa okukhonondisayo wukuthi kunenqwaba yezinye izikhulu, nababengongqongqoshe ngesikhathi sikamengameli uJacob Zuma, abasazicanasela nje, naphezu kwezinsolo zokuthi nabo babexebula umkhomo emalini yabakhokhi bentela, abanye begwazelwa ngumndeni wakwaGupta.

Lo mndeni owawusondelene kakhulu noMsholozi nendodana yakhe uDuduzane, washaya utshani ngesikhathi kuphela umbuso kaZuma ekuqaleni kuka-2018, kungena uMengameli uCyril Ramaphosa. Namanje lo mndeni usagcwele izinkalo, naphezu kwemizamo yezomthetho kahulumeni ophethe, ukuwubuyisela kuleli ukuba uzobhekana namacala enkohlakalo.

Okunenga izakhamizi ngokungashushiswa, kujeziswe labo abasolwa ngokutamuza imali yazo, wukuthi ikhomishini kaZondo yethula imiqingo yobufakazi kuRamaphosa, okwakulindeleke ukuthi (le miqulu) izosiza uphiko lwezokushushisa ukuhlanganisa ubufakazi bokushushiswa kwabasolwa.

Lokho kakwenzekanga, njengoba nenhloko yezokushushisa uNkz Shamila Batohi, isize yaqeda ihlandla layo kulesi sikhundla ngenyanga edlule, kungekho okuphathekayo ekwenzile ukushushisa labo abasolwa ngokweba imali yomphakathi. Ukugwetshwa kukaSmith yigxathu lokuqala, kodwa luselude ukhalo okusafanele luhanjwe, ukubuyisa ithemba kubantu, lokuthi ubugebengu kabukhokheli.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...