Ilanga News
Home 9 Featured 9 Izothwala kanzima i-ANC ukuheha intsha – umhlaziyi

Izothwala kanzima i-ANC ukuheha intsha – umhlaziyi

by | 6 March 2025

NGUMNU Mike Mabuyakhulu noMnu Jeff Radebe abahola ithimba elijutshwe ukuvuselela i-ANC KwaZulu-Natal.


UMHLAZIYI wepolitiki ozinze e-University of KwaZulu-Natal, uMnu uZakhele Ndlovu, uthi zinhle impela izinhlelo zethimba le-ANC elijutshwe ukuvuselela le nhlangano KwaZulu-Natal naseGauteng, kodwa indlela okusafanele ihanjwe iwumqansa.

Izolo, ngoLwesine, uMnu uJeff Radebe, ohola leli thimba eKZN, wethule izinhlelo abanazo zokuvuselela uKhongolose eKZN, esithangamini abebenaso nabezindaba, eThekwini.

Phakathi kokunye uthe kuzoba khona izifundo ngenqubomgomo ye-ANC nokuziphatha kwamalungu ayo, ukuheha amalungu amasha, nokubuyisa amadala angayivotelanga ngoNhlaba (May) ka-2024. Uthe phezulu eqhulwini bazolwa nenkohlakalo nabantu abadala uqhekeko enhlanganweni.

Kuleli sonto, uMdidiyeli waleli thimba uMnu uMike Mabuyakhulu, uzoba nemihlangano nonobhala bezinhlaka ezingamadlela-ndawonye ne-ANC, okuyiSACP, iCOSATU neSANCO. UNdlovu uthi i-ANC mayikhohlwe ngokuthi kusekhona ukwesekwa eyophinde ikuthole kubantu abasha.

“Uma ubheka leli thimba le renewal, ngabantu asebebadala ngokweminyaka, futhi i-ANC iphelelwe ngamandla phambi kwabo, bekhona bengabaholi. Intsha ibuza ukuthi izovotelani ingasebenzi. Kubantu abasha besikhathi samanje, into ehamba phambili wukuzijabulisa, ngoba ukhwantalala oludalwa wukungasebenzi lubenza bagxile ezidakamizweni.

“Bona bangavotela inhlangano ezokhuluma ngokubanika umisebenzi. Intsha eNingizimu Afrika ayivoti, uMnu Julius Malema, ungufakazi walokho. I-EFF igcwalisa izinkundla uma kunamarali, kodwa uma sekuyovotwa, bancane abantu abayivotelayo, uma kuqhathaniswa nabebehambela amarali ayo.

“I-ANC kumele ikhumbule ukuthi abantu abebethembekile kuyona, kusukela ngo-1994, abasekho emhlabeni iningi labo – labo abebethi siyivotela le nhlangano ngoba yasikhulula engcindezelweni yamaBhunu. KwaZulu-Natal, kunale nto ebizwa ngokuthi ‘yiZuma factor’. Uma iMK Party isaholwa nguMnu uJacob Zuma, kuzoba lukhuni ukuthatha abantu baseKZN kuyo.

“Lokhu kwabonakala uZuma esenguMengameli we-ANC, abantu ababekade bevotela i-IFP, bajika bavotela i-ANC, hhayi ngoba behambisana nemigomo yayo, kodwa ngenxa yokuthi iholwa nguZuma nje. URadebe, uMabuyakhulu, noMnu u-Amos Masondo (eGauteng) sebebadala, futhi intsha ayibazi. Mkhulu umsebenzi okusafanele wenziwe,” kuhlaziya uMnu uNdlovu.

Uveze ukuthi ikhona ingcindezi efakwa wubuholi besigungu esiphezulu se-ANC, yokuthi kulungiswe uKhongolose eKZN naseGauteng, ngoba kulandwe izingwevu zakhona ukuthi ziqhube lo msebenzi ngaphansi komkhankaso i-ASIYE AKHAYA.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...