Ilanga News
Home 9 Featured 9 Abantu babulala inyoka emgubhweni weMK Party eThekwini

Abantu babulala inyoka emgubhweni weMK Party eThekwini

by | 15 December 2024

UNGAFUNGA ukuthi kudlalwa owamanqamu phakathi kwamaqembu amakhulu ebhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, lapho nomcimbi wokugubha unyaka kwasungulwa iMK Party.

Imigwaqo engenela kule nkundla ivaliwe njengoba amaphoyisa etshalwe ezindaweni ezahlukene ukuqapha nokulawula isiminyaminya. Izinkumbi zabalandeli baleli qembu ziyaqhubeka nokungena ngaphakathi kule nkundla.

Kugqame imifaniswano yemibala yaleli qembu ngaphandle kwale nkundla njengoba abantu bedele ilanga elikhipha umkhovu etsheni, ukuzogubha naleli qembu lasungulwa. Abanye bafake imifaniswano yamasosha.

Ngaphakathi enkundleni, abalandeli baleli qembu sebeqale ukugcwala. Kukhona namabutho adlubhe ingqephu yaKwaZulu. Basathokozela umculo oqhuluwa ngabaculi abahlukene. Ubuholi baleli qembu nosaziwayo, sebeqalile ukubonakala bungena ngaphakathi kule nkundla.

Intatheli: Lucky Cain

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...