Ilanga News
Home 9 Featured 9 Abantu babulala inyoka emgubhweni weMK Party eThekwini

Abantu babulala inyoka emgubhweni weMK Party eThekwini

by | 15 December 2024

UNGAFUNGA ukuthi kudlalwa owamanqamu phakathi kwamaqembu amakhulu ebhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, lapho nomcimbi wokugubha unyaka kwasungulwa iMK Party.

Imigwaqo engenela kule nkundla ivaliwe njengoba amaphoyisa etshalwe ezindaweni ezahlukene ukuqapha nokulawula isiminyaminya. Izinkumbi zabalandeli baleli qembu ziyaqhubeka nokungena ngaphakathi kule nkundla.

Kugqame imifaniswano yemibala yaleli qembu ngaphandle kwale nkundla njengoba abantu bedele ilanga elikhipha umkhovu etsheni, ukuzogubha naleli qembu lasungulwa. Abanye bafake imifaniswano yamasosha.

Ngaphakathi enkundleni, abalandeli baleli qembu sebeqale ukugcwala. Kukhona namabutho adlubhe ingqephu yaKwaZulu. Basathokozela umculo oqhuluwa ngabaculi abahlukene. Ubuholi baleli qembu nosaziwayo, sebeqalile ukubonakala bungena ngaphakathi kule nkundla.

Intatheli: Lucky Cain

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...