
NGOKWEZIBALO zokhetho loHulumeni baseKhaya kukhomba ukuthi iqembu uMkhonto weSizwe Party usahamba phambili emkhandlwini weTheku. IMKP ihamba phambili ngo-51. 9% ilandelwa yi-ANC ngo-39. 8%. Emva kwalama qembu kukhona i-SACP ngo-2.8%,, i-IFP ngo-1,1%, iDA ngo-0.7, i-AIC ngo-o.6. Lezi zibalo ezamavoti asabaliwe okwamanje. UMkhandlu weTheku ungeminye ebangwa kakhulu nehlala ibhekwe ngabomvu ngamaqembu epolitiki. Cisho wonke amaqembu epolitiki angenele ukhetho eThekwini abenza isiqiniseko sokuthi amemezela ozoba yimeya yalo mkhandlu uma kwenzeka amaqembu abo enqoba ukhetho. Ngokomlando woKhetho loHulumeni baseKhaya lwango-2021, iMKP yayingakabi khona. Kulolo khetho kwakudlana imilala amaqembu amadala okukhona kuwona i-ANC, IFP, DA, EFF, Action SA ngokunjalo nababengenele ukhetho ngokuzimela.
I-ANC yakwazi ukuhamba phambili ngamavoti angu-41.8%. Yalandelwa yi-DA ngo-25.6%, kwaba yi-EFF ngo-10.1%, kwaba yi-IFP ngo-6.7%, kwaba abangenele ukhetho ngokuzimela ababa u-4.3%, kwaba yi-Action SA ngo-1,5%, kwaba yi-Active Citizens Qualition kwaba u-1.0% ne-ACDP.
IMKP party ibunjwe ngo-2023 emva kweminyaka emibili kudlule ukhetho loHulumeni baseKhaya. Ukhetho ekwaze ukulungenela kube olukazwelonke obelungo-2024. Kulona ifike yadlisela ogageni amaqembu amaningi yagcina iyiqembu eliphikisana ngokusemthethweni namaqembu aphethe uhulumeni. Ukugcina kwayo iba yiqembu eliphikisayo kwadalwa ukuthi alikho iqembu eyaba wumbimbi nalo kanti i-ANC yahlangana ne-IFP, DA neNFP okwabanika izihlalo eziningi yagcina ikwazi ukuhola uhulumeni.
tndlovu@ilanganews.co.za







