Ilanga News
Home 9 Featured 9 UPappas ujabulele ukubuyela kwesobuMeya eMngeni

UPappas ujabulele ukubuyela kwesobuMeya eMngeni

by | 5 November 2026

IMEYA kaMasipala waseMngeni uMnu Chris Pappas ujabulele ukubuyiselwa kulesi sikhundla ngamalengiso ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya oluqale ngoMsombuluko lwaphothulwa izolo ngoLwesithathu.

UPappas ngokwezibalo zamavoti adedeliwe unqobe lo masipala ngamavoti angaphezulu kuka-24 000 uma kuqhathaniswa nawu-14 awathola ngo-2021 ngesikhathieqala ihlandla lakhe lokuqala.

Uthe lezi zibalo zamavoti zikhombisa ngokusobala ukuthi ukwazile ukukhombisa abantu abangaphansi kwalo masipala ukuthi angayenzela bona uma ewuphethe.

Uthe kule minyaka ephethe ukwazile ukubuyisa uzinzo kulo masipala ikakhulukazi isimo sawo sezimali ebesisibi kakhulu. Uveze ukuthi ngaphansi kwakhe umnotho walo masipala usimamile futhi nezokuvakasha zathuthuka.

Uthe nakuba ekwazile ukuphumelela kwezinye izinhlelo zakhe zokuthuthukisa lo masipala kodwa zibe khona izingqinamba ahlangabezane nazo ezinye zazo ezidalwe ngeminye iminyango kahulumeni esifundazweni nakuzwelonke.

KwaZulu Natal ukhale ngoMnyango wezokuThutha oholwa uMnu Siboniso Duma athe iwona omnike inkinga ngesimo semigwaqo okumele ngabe ilungiswa yiwona kodwa okungenzeki.

Uthe ukonakala kwemigwaqo kwehlisa umnotho nezokuvakasha kanti kubeka nempilo yezingane zesikole engcupheni.

UPappas uqhube ngokuthi kule minyaka emihlanu ezahyo eqhoqhobele lo masipala uzimisele ukuqhubeka lapho egcine khona ukwenza ngconi impilo yabantu baseMngeni.

Uthe lezi zinombolo zikhombisa ngokusobala indlela abantu abamethemba ngayo ukuthi uyithemba kubona.

Uveze ukuthi okumjabulisayo wukuthi iDA ikwazile nokunqoba amawadi agcwele abangu abamnyama, phambilini ayeqhoqhobelwe ngamanye amaqembu.

Khona manjalo kuyaqhubeka ukubalwa kwamavoti ezindaweni ezahlukene njengoba sebekhona omasipala asebewele ezandleni zeMK Party ne-IFP.

Ezisematheni

Iza kahle iMKP eThekwini eqala ukungenela oloHulumeni baseKhaya

Iza kahle iMKP eThekwini eqala ukungenela oloHulumeni baseKhaya

NGOKWEZIBALO zokhetho loHulumeni baseKhaya kukhomba ukuthi iqembu uMkhonto weSizwe Party usahamba phambili emkhandlwini weTheku. IMKP ihamba phambili ngo-51. 9% ilandelwa yi-ANC ngo-39. 8%. Emva kwalama qembu kukhona i-SACP ngo-2.8%,, i-IFP ngo-1,1%, iDA ngo-0.7,...

Kuphume isidumbu ngaphandle kwesikhungo sokuvotela

Kuphume isidumbu ngaphandle kwesikhungo sokuvotela

KUPHUME isidumbu ngaphandle kwesikhungo sokuvotela kwaMntanenkosi, eMbazwana, ngaphansi kuka-ward 2, kugwazwa, kubulawa owesilisa oneminyaka ewu-31. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ntambama ngoLwesithathu, ngesikhathi kusaqhubeka ukuvota kule ndawo. Akucaci...

Owe-IEC eKZN ugculisekile ngabavoti esifundazweni

Owe-IEC eKZN ugculisekile ngabavoti esifundazweni

USIHLALO wekhomishini yokhetho KwaZulu Natal uNkk Ntombifuthi Masinga uzwakalise ukugculiseka ngendlela ukhetho oluqhubeke ngayo esifundazweni. UNkk Masinga uthe nakuba zibe khona izihibe kusukela ngoMsombuluko kuqalile ukuvota okuyisipesheli kuze kushaye izolo...