
KUPHUME isidumbu ngaphandle kwesikhungo sokuvotela kwaMntanenkosi, eMbazwana, ngaphansi kuka-ward 2, kugwazwa, kubulawa owesilisa oneminyaka ewu-31.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ntambama ngoLwesithathu, ngesikhathi kusaqhubeka ukuvota kule ndawo. Akucaci ukuthi yini imbangela yokubulawa kukaMnu Lindani Zikhali (31), ogwazwe inqwaba yamanxeba.
Umthombo weLANGA, ulihlebele ukuthi umufi nomsolwa ngabantu basendaweni.
Kuthiwa bebehleli esitolo esingaphandle kwesikhungo sokuvotela ngesikhathi kuqala ingxabano phakathi kwabo.
Kuthiwa le ngxabano yiyona eholele ekutheni umsolwa, ILANGA elinalo igama lakhe, asuke agwaze uZikhali.
UMnu Xolani Zikhali ongusihlalo weCPF, eMkhanyakude, uthe yize kube nalesi sigameko, kodwa konke kuhambe kahle ngokuvota.
“Noma singayazi imbangela yobekubangwa, kodwa siyezwa ukuthi bebengaphandle kwesikhungo.
“Sithanda ukubonga ebantwini indlela abaziphathe ngayo, ngoba kasikho esinye isigameko esike sasizwa ngaphandle kwalesi esenzeke eMntanenkosi.
“Namaphoyisa abesiqaphe ngeso lokhozi isimo, kuzona zonke izikhungo. Ngakho kakukho esikhala ngakho,” kusho uZikhali.
Khonamanjalo esifundazweni iMpumalanga, kuvele imibiko yokudutshulwa kubulawe owesilisa ngaphandle kwesikhungo sokuvotela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala lokubulala. Uphenyo lusaqhubeka.







