Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 AbeMambazo bathembisa ukuligcina liphila igama likaMazibuko

AbeMambazo bathembisa ukuligcina liphila igama likaMazibuko

by | 22 April 2026

I-LADYSMTHI Black Mambazo, ithembise ukuligcina liphila igama lika-Albert Mazibuko oyinkakha yaleli qembu, obekwe endlini yakhe yokugcina ngoMgqibelo emzini wakhe eMtshezi.

UMazibuko uthunwe ngaphambi kokuba kuqale inkonzo yomngcwabo ebihanjelwe yizicukuthwane zamazinga ahlukene, kusukela kuhulumeni kuya kosomabhizinisi, osaziwayo, amaciko namalungu omphakathi. Le nkonzo ibisezinkundleni zemidlalo zaseMtshezi High School.

Izikhulumi ezahlukene zincome uMazibuko ngokuzithoba nangokuba yinqolobane yomlando weMambazo. Uchazwe njengobesondelene kakhulu nomsunguli waleli qembu, uJoseph Shabalala, ongasekho emhlabeni. Nakuba uMazibuko ebesethathe umhlalaphansi kuleli qembu, kodwa ubesaqhubeka nokudlala indima emqoka kulona.

Lokhu kuvezwe yimenenja yalo, uXolani Majozi. Ithe kuningi ekufundile ngesikhathi isebenza noMazibuko kusukela endleleni agqoka ngayo kuya ekugcineni isikhathi nangokuba qotho. UMjozi uthe beyiqembu sebekudingidile ukuthi kuzomele baqhubeke nokuligcina igama likaMazibuko liphila, njengoba behlela ukumhlonipha ngokushicilela incwadi ezokhuluma ngempilo yakhe.

“Sizophinde sibe neziqophamlando (documentary), esiziqophe esaphila, lapho ebenikezela ngolwazi ngeqembu nokunye okuyokwenza igama lakhe lingashabalali,” kusho uMajozi.

Uthe uMazibuko ubesefana noyise emalungwini aleli qembu, njengoba kunguyena obesekhona, osekhulile kulona.

USibongiseni Shabalala ongomunye wabahamba phambili kuleli qembu, uzwakalise ubuhlungu ngokudlula kukaMazibuko, wathi njalo uma benze imicimbi yokukhumbula uyise (Joseph Shabalala), noMazibuko bazombala njengoba edlale indima emqoka kubona.

“Usiqeqeshile, wasikhulisa, wasifundisa okuningi ebesingakwazi ngesikhathi lisaqala iqembu, nangombono weqembu okumele nathi esesikhona, siqhubeke siwugcine,” kusho uShabalala.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uncome ukuzithoba nokuba yiqhawe kukaMazibuko. Umncome ngokuba yisibonelo nasemacikweni asakhula. Uthe iMambazo ingelinye lamaqembu elikwazile ukubeka iNingizimu Afrika ebalazweni lomhlaba ngamanoni alo. Uncome leli qembu ngokuthi likwazile ukwenza umculo ongagcini ngokuculwa ngesiZulu, kodwa ofaka nezinye izilimi.

UMazibuko udlule emhlabeni emasontweni amabili edlule ngemuva kokuxinwa wukugula isikhashana. Kwabebehambele inkonzo yokufihlwa kukaMazibuko ebiholwa nguMphostoli Collins Dhlomo, kubalwa uNdunankulu uNtuli, iPhini likaNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uMnu Sihle Zikalala, uMnu Zizi Kodwa, iMeya kaMasipala waseMtshezi uMnu Mduduzi Myeza, uNkk Bongi Sithole-Moloi, umsakazi weMetro FM, uTbo Touch nabanye.

Le nkonzo ibihanjelwe nangamaciko okubalwa kuwo iNcandweni Christ Ambassadors, iThee Legacy, Abanqobi, uPhindi P obengumphathi wohlelo ngokubambisana noBongani Hlongwane namanye.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...