UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana kwabo.
Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa ukunyuka kwalezi zibalo ngaphansi kwesiteshi samaphoyisa iCato Manor.

UMajor General Makhoba uthe lezi zibalo ezekota yokuqala kusuka ngo-April kuya kuJune nonyaka. Kula macala kubalwa nawokudlwengula, ukubamba inkunzi, ukuhlukumeza ngokocansi nokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
Ngokwezibalo zamaphoyisa kwehle ngabantu abangu-20 ukubulawa kwabantu uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo nonyaka odlule, okuwukwehla ngo-1.7%.
Isiteshi samaphoyisa Inanda, Umlazi neSikhaleni nazo zikhombise ukwehla kakhulu izibalo zokubulawa kwabantu.
“Ukwehla kwalezi zibalo kusho ukusebenza ngokuzimisela kwamaphoyisa ukulwa nobugebengu. Siyawabonga kakhulu amaphoyisa ngokusebenza ngokuzinikela ukuqinisekisa ukuphepha kwezakhamuzi kwaZulu-Natal. Noma zehlile kodwa baningi abantu ababulawayo njengoba bengu-1 179 kwikota yonyaka. Akuyona ke into esingayijabulela le yokwehla kwezibalo kodwa amaphoyisa asangenza kangcono kunalokhu. Sinxusa nokuthi umphakathi usebenzisane namaphoyisa ukulwa nobugebengu,” kusho uMajor General Makhoba.
Uthe izigameko zokubulawa kwabantu ezingu-124 nezingu-422 zokuzama ukubulala zenzeka ngenxa yezinto ezincane okungukuxabana emgaqweni nokuphambana ngento encane. Intuzuma inyuke ngabantu abangu-12 kube Impangeni ngabangu-11 nePlessilaer ngangu-7. Inanda ihamba phambili ngawokudlwengula njengoba enyuke ngo-31.6% uma kuqhathaniswa nawangalesi sikhathi ngonyaka odlule.
Kusuka ngoJanuwary nonyaka amaphoyisa akwaZulu-Natal asebophe abantu abangu-112 397 ngamacala ahlukene. Kuwona kubalwa nabangu-11 235 abakuleli abangenamaphepha.
Kulo msebenzi oncomekayo wamaphoyisa uMajor General Makhoba uthe awekho amaphoyisa ashone esebenza kunyaka wezimali u-2025 / 2026 kodwa angu-15 ashone engekho emsebenzini. Kuwona amaphoyisa uthe kuxoshwe angu-48 ngokungaziphathi kahle emsebenzini.
tndlovu@ilanganews.co.za







