Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UNgizwe usephenduke “umgodi onganukwanja” emicimbi yesizwe

UNgizwe usephenduke “umgodi onganukwanja” emicimbi yesizwe

by | 10 November 2024

JOHN HLONGWA
noPhumlani Gama 

USEPHENDUKE umgodi onganukwanja umdidiyeli wamabhinca, uNgizwe Mchunu njengoba abadidiyeli bamabutho kaZulu sebenqume ukuba angaphinde alubhade emikhosini yeSilo uMisuzulu namakhosi kuze kube ulungisa inkulumo yakhe enenhlabathi, ayinameke ezinkundleni zokuxhumana. 

UNgizwe ukhwele wadilika emakhosini – ezinkundleni zokuxhumana – ewasola ngokuthi ahlatshiswa ngezinkomo ezibizwa ngethanga (isipho esisuke siphiwa inkosi), uwasole nangokweqisa emankwebevini. Le nkulumo imdonsele amanzi ngomsele njengoba exoshiwe emicimbini emibili esikhathini esingaphansi kwesonto. 

NgeSonto uxoshwe ebukhosini bakwaZungu, KwaMadlebe, eMpangeni, lapho indodakazi yeNkosi uZenzo Zungu ibikhehlwa yiNkosi yaseMacambini, uMthokozisi Mathaba. NgoLwesine uxoshwe  emcimbini wokwembulwa komfuziselo weSilo uShaka, esikhumulweni sezindiza, iKing Shaka. 

UNGIZWE eguqe phambi kweNkosi uZenzo Zungu.

Umdidiyeli wamabutho, uMnu Sipho Mhlongo, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi kawukho umgqomo wokulahla umuntu. “Empeleni uNgizwe kasimxoshi emicimbini yesizwe, kodwa sifisa axolise ngenkulumo ayibhekise emakhosini.  Le nkulumo kayehlanga kahle kubadidiyeli bamabutho. Kasikwazi ukuhlala naye kule micimbi ekubeni ethuke amakhosi. Makaxolise ukuze impilo iqhubeke.  

“Lo muntu uhlonishwe yiNgonyama ngesikhundla esikhulu, ngakho kumele ahloniphe,” kusho umdidiyeli. 

Umdidiyeli wamabutho aseKing Cetshwayo uMnu Senziwanjani Xulu, obonakala kwi-video egxavuna uNgizwe ngengalo, uthi inkinga kaMchunu wukungahloniphi. “UMchunu uphethwe yimi la eKing Cetshwayo, abantu bayangibuza ukuthi ngithule ngithini uma ethuka amakhosi ngale ndlela. UNgizwe uyaziwa ukuthi unabantu abamlandelayo, ngisho iNgonyama imkhonzile, yaze yamnika isikhundla kodwa inkinga yakhe akahloniphi. 

“Emcimbini obuseKing Shaka ngoLwesine sivumelene nabadidiyeli ukuthi makahambe ngoba besiyizwa imvunge yamabutho ukuthi akaphephile, afuna ajeze ngenkulumo yakhe, yingakho ngicele amaphoyisa ukuba amkhiphe,” kusho uXulu. 

Okhulumela iSilo, uMntwana uSimphiwe Zulu, uthe bayalwazi lolu daba futhi basezinhlelweni zokuhlela umhlangano ukuze ludingidwe. 

Ethintwa uMchunu, ushaye ngamafuphi wathi akakhulumi namaphephandaba. Kwale noma esethintwa okwesibili waqhubeka nakusho ekuqaleni. 

Ezisematheni

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

UCHAZWE njengesibusiso esikoleni samabanga aphakeme Inanda Newtown Comprehensive High School usomabhizinisi onikele ngesamba sikaR200 000 ukusiza abafundi abadinga usizo nezidingo zesikole. UMnu Sandile Msomi ongumnikazi wezinkampani iQiniso Protection Services...

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

UGALAGALA lweJaji eselithathe umhlalaphansi, uMjabuliseni Madondo, lithi akukho okungalungile ngoMthetho wesiNtu, olawula umshado ohlanganisa amafa. INkantolo yoMthethosisekelo, isanda kuphasisa uMthetho othi, uma sekuke kwafika abakhongi, baqala izingxoxo zamalobolo,...

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

UNGQONQGOSHE wezokuVasha kuZwelonke, uNkk Patricia de Lille uzishaya isifuba ngokwenyuka kwesibalo sabantu abavakashe eNingizimu Afrika, ngonyaka odlule (2025). Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uNkk de Lille, uthe zingu 10,4 million izivakashi ezitheleke ezweni...