Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uthembisa lukhulu ozokwethula oweMetro FM Awards

Uthembisa lukhulu ozokwethula oweMetro FM Awards

by | 22 April 2025

UZOHLONIPHA uyise ngemjiva yesintu emcimbini weMetro FM Music Awards uSiyabonga Ngwekazi owaziwa ngelikaScoop Makhathini omenyezelwe njengomunye wabethuli balo mcimbi omkhulu wokuhlonipha abaculi ozoba ngomhla ka-3 kuNhlaba 2025 ezinkundleni zemidlalo eMbombela eMpumalanga.

UScoop Makhathini uzokwethula lo mcimbi ngokubambisana nomsakazi weMetro FM uLuthando Lootlove Shosha oshayela uhlelo lwantambamba phakathi nezinsuku kulo msakazo.

UScoop Makhathini uxoxe neLANGA ngaleli thuba alitholile lokuba ngumethuli walo mcimbi.

Uveze ukuthi uzizwa ethobekile ngokunikezwwa ithuba kumabonakude nakuba sekunesikhathi engabonakali ezinhlelweni zawo.

“Leli thuba lisho kukhulu kimina ikakhulukazi ngoba ubusuku balo mcimbi buchaza ubukhosi lapho abaculi besuke behlonishwa khona ngemisebenzi yabo yokusadansizwa nangodlala ngemizwa yethu ngokucikoza kwabo,” kusho yena.

Ubusuku bobukhosi lobu “ingakho nami ngizimisele ukwenza into yamehlo ezothokozisa wonke umuntu ozobe ekhona nalowo ozobe ebukele ekhaya,” kusho lo methuli.

Uthe ngalobu busuku uzimisele ukushintsha izikhawu edlubha imswenko eyahlukne yabasiki bengqephu okubalwa kubo uWanda Lepoto noSamkelo Boyde.

“Njengoba ngaziwa ukuthi ngiwumuntu wesatyela ngizobabonisa ukuthi ngisenaso kodwa ngizosenza ngendlela ehambisana nobukhosi njengoba kuwubusuku babo,” kusho yena eveza ukuthi uzongena kulo mcimbi edlubhe imijiva yesintu kayise ngenhloso yokumhlonipha njengoba naye edabuka ebukhosini.

Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi kuhlonishwe abaculi bakuleli ngezingoma zabo abazikhiqize ngonyaka owedlule nakulo nyaka.

Ezisematheni

Sivaliwe isikhala semeya eJozini

Sivaliwe isikhala semeya eJozini

NGUMNU Nkosinathi Myeni oyiMeya entsha yaseJozini. YETHEMBISA ukufuqa ngamandla izinhlelo zentuthuko yomphakathi ngaphandle kokubheka ibala lomuntu iMeya entsha kaMasipala waseJozini, egcotshwe namuhla ngoLwesihlanu. UMnu Nkosinathi Myeni ongowokudabuka eMhlekazi,...

Uhlose ukufukula intsha othenge iMandini Country Club

Uhlose ukufukula intsha othenge iMandini Country Club

UFISA ibewusizo ekuthuthukiseni abantu abasha baseMandeni indawo yakhe yokudlala igalofu, iMandeni Country Club, esizokwaziwa nge-Noble Village, uDkt Emmanuel Ngcobo, othathe izintambo zokuphatha le ndawo ngemuva kokuthengiselana yona nenkampani yephepha namahlathi...

Abebuya ukuyokhulekela umsebenzi wabangasekho amakholwa abhubhile

ABEBUYA ukuyokhulekela umsebenzi wabangasekho amakholwa abhubhe engozini eyenzeke emgwaqweni onguthelawayeka uN2 eMpangeni ngezithuba zasekuseni ngeSonto. Amalungu eNtathakusa Church In Zion ehlelwe yilo mshophi ephuma eGobandlovu, eSikhawini emzini wakwaMyeni lapho...