Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uthembisa lukhulu ozokwethula oweMetro FM Awards

Uthembisa lukhulu ozokwethula oweMetro FM Awards

by | 22 April 2025

UZOHLONIPHA uyise ngemjiva yesintu emcimbini weMetro FM Music Awards uSiyabonga Ngwekazi owaziwa ngelikaScoop Makhathini omenyezelwe njengomunye wabethuli balo mcimbi omkhulu wokuhlonipha abaculi ozoba ngomhla ka-3 kuNhlaba 2025 ezinkundleni zemidlalo eMbombela eMpumalanga.

UScoop Makhathini uzokwethula lo mcimbi ngokubambisana nomsakazi weMetro FM uLuthando Lootlove Shosha oshayela uhlelo lwantambamba phakathi nezinsuku kulo msakazo.

UScoop Makhathini uxoxe neLANGA ngaleli thuba alitholile lokuba ngumethuli walo mcimbi.

Uveze ukuthi uzizwa ethobekile ngokunikezwwa ithuba kumabonakude nakuba sekunesikhathi engabonakali ezinhlelweni zawo.

“Leli thuba lisho kukhulu kimina ikakhulukazi ngoba ubusuku balo mcimbi buchaza ubukhosi lapho abaculi besuke behlonishwa khona ngemisebenzi yabo yokusadansizwa nangodlala ngemizwa yethu ngokucikoza kwabo,” kusho yena.

Ubusuku bobukhosi lobu “ingakho nami ngizimisele ukwenza into yamehlo ezothokozisa wonke umuntu ozobe ekhona nalowo ozobe ebukele ekhaya,” kusho lo methuli.

Uthe ngalobu busuku uzimisele ukushintsha izikhawu edlubha imswenko eyahlukne yabasiki bengqephu okubalwa kubo uWanda Lepoto noSamkelo Boyde.

“Njengoba ngaziwa ukuthi ngiwumuntu wesatyela ngizobabonisa ukuthi ngisenaso kodwa ngizosenza ngendlela ehambisana nobukhosi njengoba kuwubusuku babo,” kusho yena eveza ukuthi uzongena kulo mcimbi edlubhe imijiva yesintu kayise ngenhloso yokumhlonipha njengoba naye edabuka ebukhosini.

Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi kuhlonishwe abaculi bakuleli ngezingoma zabo abazikhiqize ngonyaka owedlule nakulo nyaka.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...