Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP imashela Ithala

I-IFP imashela Ithala

by | 23 February 2025

IZINKUMBI zamalungu nabalandeli baNkatha Freedom Party (IFP), bazogcwala izitaladi zeTheku ngoMsombuluko, zimashela udaba oluyinzukayikeyi yebhange ITHALA.

UMkhulumeli kaZwelonke we-IFP, uMnu uMkhuleko Hlwegwa (osesithombeni), ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yomgcabo womholi we-IFP, uMnu uSenzo Mfayela, eNdwedwe, unxenxe amalungu nabalandeli baleli qemb,u ukuthi baphume ngothi lwabo, bazokweseka le mashi ayichaze njengezoba yingqophamlando.

Kuhlelwe ukuthi isuke eking Dinuzulu Partk (kuBotha), eMakethe, eThekwini, ize iphelele eCity Hall.

Nabaholi boMdabu KwaZulu-Natal, bathi bayaseseka isinqumo sokumashela ukuqedwa kweThala, yize bengezukuba yingxenye yamashi.

INkosi uNgamizizwe Madlala, yesizwe saseSibhalweni eMzumbe, ithe uma sekukhona abafuna ukuhlakaza iThala, bangadlaleli ezitsheni ezifayob ngoba kwaba yizithuukuthuku zoMntwana waKwaPhindangeneb ukuthi leliya bhange libe khona neNgonyama Trust asebefuna ukukuqeda.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...