Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-IFP imashela Ithala

I-IFP imashela Ithala

by | 23 February 2025

IZINKUMBI zamalungu nabalandeli baNkatha Freedom Party (IFP), bazogcwala izitaladi zeTheku ngoMsombuluko, zimashela udaba oluyinzukayikeyi yebhange ITHALA.

UMkhulumeli kaZwelonke we-IFP, uMnu uMkhuleko Hlwegwa (osesithombeni), ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yomgcabo womholi we-IFP, uMnu uSenzo Mfayela, eNdwedwe, unxenxe amalungu nabalandeli baleli qemb,u ukuthi baphume ngothi lwabo, bazokweseka le mashi ayichaze njengezoba yingqophamlando.

Kuhlelwe ukuthi isuke eking Dinuzulu Partk (kuBotha), eMakethe, eThekwini, ize iphelele eCity Hall.

Nabaholi boMdabu KwaZulu-Natal, bathi bayaseseka isinqumo sokumashela ukuqedwa kweThala, yize bengezukuba yingxenye yamashi.

INkosi uNgamizizwe Madlala, yesizwe saseSibhalweni eMzumbe, ithe uma sekukhona abafuna ukuhlakaza iThala, bangadlaleli ezitsheni ezifayob ngoba kwaba yizithuukuthuku zoMntwana waKwaPhindangeneb ukuthi leliya bhange libe khona neNgonyama Trust asebefuna ukukuqeda.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...