Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Wengezelwe isigwebo odlulise icala lokudlwengula

Wengezelwe isigwebo odlulise icala lokudlwengula

by | 11 June 2025

KUPHENDUKE amatafula, wenyuselwa isigwebo owesilisa obedlulise isinqumo senkantolo ngesigwebo asithola ngecala lokudlwengula owesifazane othandana nobulili obufana nobakhe (owesifazane).

INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, inyuse isigwebo seminyaka ewu-25, saba wudilikajele kuSakhile Phumokwakhe Mhlanga ngecala alenza ngo-2016. Kuthiwa uSakhile walahlwa yileli cala, wagwetshwa yiNkantolo yesiFunda yaseNgwavuma iminyaka ewu-25 ebhadla ejele ngoNdasa (March) wango-2018.

Ngemuva kokugwetshwa, wafaka isicelo sokudlulisa icala. Ngokwesitatimende seNational Prosecuting Authority (NPA), isisulu sasineminyaka ewu-18 ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Kubikwa ukuthi uSakhile wadlwengula lona wesifazane eMahinga, eNgwavuma. Ngosuku lwesigameko, kuthiwa isisulu sasisesitolo, ngesikhathi sihlangana noSakhile, waseshela. Kuthiwa samtshela ukuthi kasithandani nabesilisa, kodwa sithandana nabesifazane.

Kuthiwa sahamba sabuyela endlini yaso, uSakhile wadlulisa isikhathi esincane wasilandela, wafika endlini yaso wabulala iwindi, wangena ngalo, wasishaya, wasigwaza, qede wasidlwengula.

Kuvela ukuthi waqeda lapho wasiqhuba, wahamba naso waya kubo, waqhubeka wasinukubezela khona. Isisulu sagcina sikwazile ukuphunyuka, sayovula icala emaphoyiseni.

USakhile waboshwa ngemuva kwezinsuku eziwu-7 isigameko senzekile. Icala laqulwa, kwabizwa bonke ofakazi, wagwetshwa ngomhla ka-22 kuNdasa (March) ngo-2018.

NgoMfumfu (October) ka-2021, uMhlanga wabe esefaka isicelo sokwedlulisa isinqumo senkantolo ngesigwebo anikwa sona, waze wavunyelwa ngo-2022 ukuba akwenze lokho. Umshushisi uKrishan Shah, obemele umbuso, ubephikisana nokuthi kubuyekezwe isigwebo njengoba ethi kwasekuqaleni uMhlanga kwakumele athole udilikajele.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...