Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuhlakazwe abebemasha eGoli

Kuhlakazwe abebemasha eGoli

by | 9 October 2026

KUQHUME izinhlamvu zenjoloba kuhlakazwa abamashi okuthiwa bashise imoto ngaphandle kweNkantolo yoMthethosisekelo, eBraamfontein, eGoli.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi laba bamashi abebeholwa yilowo owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, bebemasha besuka kwaMai Mai beya eNkantolo yoMthethosisekelo, beyozwakalisa ulaka lwabo ngesinqumo sale nkantolo esigunyaza abokufika abakuleli ngokungemthetho ukuba baye emahhovisi akwandabazabantu bayofaka izicelo zokuba ababhaci kuleli, uma bebalekela izimpi emazweni abo.

Ngokwemibiko yamaphoyisa akekho olimele futhi akekho oboshiwe kulesi sigameko. Ekhuluma nabezindaba uMchunu uthi izakhamizi zakuleli zizoqhubeka nokuzwakalisa ulaka lwazo uma kungekho okwenziwayo ngalesi sinqumo senkantolo.

Abebeyingxenye yemashi beveze ukuthi bayasemukela isinqumo soMnyango wezaseKhaya sokuhoxisa isinqumo sawo sokuqala ukusebenzisa isinqumo senkantolo. Bathi nakuba kunjalo bayakuqonda ukuthi isinqumo senkantolo kasikaguquki.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...