Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Amaqembu aphikisayo ayavungama ngokuqashwa kwamaphoyisa eTheku

Amaqembu aphikisayo ayavungama ngokuqashwa kwamaphoyisa eTheku

by | 13 December 2024

THANDI ZONDI 

I

SINYAKAZISE amaqembu aphikisayo KwaZulu-Natal indaba yamaphoyisa awu-500 asanda kuqashwa wuMasipala weTheku, njengoba efuna kwenekwe obala indlela esetshenzisiwe ngesikhathi eqashwa.

Lo mnyakazo ulandela imvunge equbukile emuva kokusabalala kwezithombe zamaphoyisa asanda kuqashwa yilo masipala, okubikwa ukuthi kuqashwe nabavela emndenini owodwa. 

Abanye bakhala ngokuthi imi-zimba yamanye ala maphoyisa ka-yikhombisi ukuthi akulungele ukwenza lolu hlobo lomsebenzi. 

UMnu Zwakele Mncwango we-Action SA, uthi kuyishwa ukuthi ekuqashweni kwala maphoyisa kube nenhlese yepolitiki, wathi kodwa kakukuhle ukuba acokofu-lwe ngoba kawaziqashanga. 

“Indlela esetshenziswayo kayi-nabo ubulungiswa. Imisebenzi ka-hulumeni ingeyabo bonke abantu. 

“Ukuhlasela asebeqashiwe ezi-nkundleni zokuxhumana ngeke kusize ndawo, abantu okumele ba-phendule, ngosopolitiki nemene-nja kamasipala,” esho. 

Uthi ngokuzayo kuzophoqa uku-ba indlela yokuqasha ivezwe oba-la, futhi imenenja kamasipala ne-nhloko yamaphoyisa kamasipala kumele baqinisekise ukuthi aku-gxambukeli osopolitiki. 

Beyi-Action SA, uthi bazoqinisekisa ukuthi ngokuzayo baqikelela ukuthi indlela okuqashwa ngayo iba sobala. 

“Kuyiqiniso ukuthi ngeke kuqasheke bonke abantu, kodwa labo abasuke beqashiwe kumele kwazi-we ukuthi baqashwe kanjani,” esho. 

UMnu Thabani Mthethwa okhulumela iDA kuMasipala weTheku, uthe ibacasulile indlela okwenzeke ngayo kuqashwa la maphoyisa. 

“Kasikwazi ukuthula uma kwe-nzeka into enjengalena. Kubona-kala nasezinkundleni zokuxhumana ukuthi kunosopolitiki ababo-ngwayo. 

“Konke lokho kwenza (kubukeke) uhlelo olusetshenzisiwe luno-gcobho,” esho. 

Uthe bazoxoxa nemenenja 

kamasipala (uMnu Musa Mbhele) nenhloko yamaphoyisa (uMnu Sbonelo Mchunu) ukuba bacacise ngohlelo olusetshenzisiwe ekuqa-sheni. 

“Ngokuzayo sifisa inqubomgomo esetshenziswayo ekuqasheni ihlale obala. Sizophakamisa nokuthi kube nezinhlaka zangaphandle ezizolawula inqubo yokuqasha,” esho.

Ecashunwa enkulumweni yakhe noKhozi FM, uMchunu uthe kuva-mile ukuthi kube nezinkulumo uma kuqashwa amaphoyisa, wathi akusilo iqiniso ukuthi kunenkohla-kalo ekuqashweni kwawo. Uthe abasola ukuthi kuyagwazwa kumele baqhamuke nobufakazi balokho. 

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...