Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Abesilisa bathi linokuthula ibhola kunabesifazane

Abesilisa bathi linokuthula ibhola kunabesifazane

by | 25 June 2026

KUSUKE umsindo ezinkundleni zokuxhumana emuva kokuba kube nokuphambana kwemibono phakathi kwabesilisa nabesifazane ngodaba lomdlalo weBafana Bafana ne-South Korea weNdebe yoMhlaba odlale namuhla ezintatha ngo-03h00.

IBafana inqobe ngo-1-0 okuyenze yadlulela esigabeni esilandelayo nalapho izobhekana khona neCanada ngeSonto ngo-21h00 ebusuku. Ukukhuluma kuqale emuva kokuba abesifazane bekhale ngokuthi abasilisa bahlale bekukhalela ukuvuka uma kufanele benze izinto ezibalulekile.

Iningi labantu besilisa likhahlele izingubo ezintatha, labuka ibhola okuyikhona okwenze kwaphambana imibono. Lokhu kwenze abanye besilisa baziphendulela ngokuthi ibhola alinamsindo futhi alithethisani amacala. Abanye baze balibeka ngembaba elokuthi empeleni uma kuthiwa abakhethe, bangakhetha lona ibhola nokuyikhona okwenze abesifazane banengeke yile nkulumo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...