Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Umalume’ uvulelwe icala lokushaya umfundi (10) ngezimpama

‘Umalume’ uvulelwe icala lokushaya umfundi (10) ngezimpama

by | 9 November 2025

USEVULELWE icala umshayeli wetekisi elithutha izingane zesikole, okubikwa ukuthi ushaye ngezimpama ephindelela ingane eneminyaka ewu-10, efunda eSiphingo Hills, eThekwini.

UNkk Zanele Ngidi wase-Adams Mission, ongunina walo mfanyana oshayiwe, uthi okumphatha kabuhlungu wukuthi umshayeli wemoto akakaze amchazele ukuthi uyishayelani indodana yakhe.

“Ushaye ingane yaquleka, uma esuka lapho wayithatha wayibeka phansi ngaphandle kwasesikoleni. Uze watshelwa yi-security lasesikoleni ukuthi makayingenise ngaphakathi. Wazi kahle ukuthi ingane inesifo sokuwa, kodwa phezu kwalokho wenza le nto,” kusho uNkk Ngidi.

Uthi mhlawumbe ngabe lolu daba kaluzange lufike ngisho emaphoyiseni ukuba akazange abaleke lo mshayeli.

“Bengilindele ukuthi eze kithina, asichazele njengabazali bengane ukuthi kwenzekeni, kodwa kunalokho ngigcine sengichazelwa yizingane ezigibela nomfana wami emotweni. Zithi umalume ubeshayela kabi, wacishe washayisa izingane ngemoto. Le eyami ingane ibe isimbuza ukuthi ‘kungani malume ugijima’. Kuthiwa umise imoto eceleni komgwaqo, wayishaya ngezimpama.

“Uma sihambisa izingane ngezimoto zomalume sisuke silindele ukuthi baziphathe kahle, babe ngabazali nxashana singekho. Ngumzali onjani oshaya ingane ngempama?

“Okubuhlungu wukuthi akafuni ukwehlela ngezansi kodwa ukhethe ukubaleka, ngisho nomnikazi wetekisi uthi akamazi, uvele wanyamalala,” kusho uNkk Ngidi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Ntathu Ndlovu, uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaywa kwengane eneminyaka ewu-10, okusolwa ukuthi ishaywe ngumshayeli wemoto yesikole.Add Note

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...