Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Umalume’ uvulelwe icala lokushaya umfundi (10) ngezimpama

‘Umalume’ uvulelwe icala lokushaya umfundi (10) ngezimpama

by | 9 November 2025

USEVULELWE icala umshayeli wetekisi elithutha izingane zesikole, okubikwa ukuthi ushaye ngezimpama ephindelela ingane eneminyaka ewu-10, efunda eSiphingo Hills, eThekwini.

UNkk Zanele Ngidi wase-Adams Mission, ongunina walo mfanyana oshayiwe, uthi okumphatha kabuhlungu wukuthi umshayeli wemoto akakaze amchazele ukuthi uyishayelani indodana yakhe.

“Ushaye ingane yaquleka, uma esuka lapho wayithatha wayibeka phansi ngaphandle kwasesikoleni. Uze watshelwa yi-security lasesikoleni ukuthi makayingenise ngaphakathi. Wazi kahle ukuthi ingane inesifo sokuwa, kodwa phezu kwalokho wenza le nto,” kusho uNkk Ngidi.

Uthi mhlawumbe ngabe lolu daba kaluzange lufike ngisho emaphoyiseni ukuba akazange abaleke lo mshayeli.

“Bengilindele ukuthi eze kithina, asichazele njengabazali bengane ukuthi kwenzekeni, kodwa kunalokho ngigcine sengichazelwa yizingane ezigibela nomfana wami emotweni. Zithi umalume ubeshayela kabi, wacishe washayisa izingane ngemoto. Le eyami ingane ibe isimbuza ukuthi ‘kungani malume ugijima’. Kuthiwa umise imoto eceleni komgwaqo, wayishaya ngezimpama.

“Uma sihambisa izingane ngezimoto zomalume sisuke silindele ukuthi baziphathe kahle, babe ngabazali nxashana singekho. Ngumzali onjani oshaya ingane ngempama?

“Okubuhlungu wukuthi akafuni ukwehlela ngezansi kodwa ukhethe ukubaleka, ngisho nomnikazi wetekisi uthi akamazi, uvele wanyamalala,” kusho uNkk Ngidi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Ntathu Ndlovu, uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaywa kwengane eneminyaka ewu-10, okusolwa ukuthi ishaywe ngumshayeli wemoto yesikole.Add Note

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...