Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Abewusizo emphakathini amalungu abulawe yizigebengu zeWest’

‘Abewusizo emphakathini amalungu abulawe yizigebengu zeWest’

by | 6 May 2026

USIHLALO weThekwini Neighbourhood Watch, uMnu Andile Jali, uphonsele uhulumeni inselelo ukuba ulekelele ukufihla amalungu abo, ashone ngokudutshulwa ngesikhathi egade umphakathi eBhambayi, eNanda, ngoMgqibelo entathakusa.

Kulesi sigameko kushone amalungu alesi sigungu uMnu Nkosinathi Mhlongo (41), uMnu Mazuzo Nomonti (47) noMnu Mdunyiswa Nozulela (64) bese kuba ngababili abasolwa ngokuba yizigebengu. UJali utshele ILANGA ukuthi inkinga ababhekene nayo njengesigungu esigada umphakathi, kabasebenzi, futhi kabanabo omasingcwabisane njengoba bevolontiya ukuqapha isimo ezindaweni zabo.

Echaza ngalesi sigameko, uthe amalungu abo abehlola isimo endaweni emuva kokuthola ukuthi kunabasolwa ngokuba yizigebengu abebengenela imizi yabantu bebamba inkunzi.

“Bathe besazulazula nje endaweni, kwaqhamuka laba abasolwa ngokuba yizigebengu, ababili badonsa izibhamu behlasela amalungu esigungu. Oyedwa emalungwini esigungu ukwazile ukubamba esinye sezigebengu bebanga isibhamu okugcine ngokuthi ilungu lethu lidubuleke entanyeni, lawela khona lapho.

“Ngenxa yokuthi emalungwini ethu bakhona abanezibhamu ezisemthethweni, badubulile nabo kwashona oyedwa okusolakala ukuthi uyisigebengu, oyedwa wazama ukubaleka. Bathe uma bebheka, kwabonakala ukuthi amalungu amabili asedubulekile, alele phansi khona endaweni yesigameko. Elesithathu liphuthunyiswe esibhedlela lafike lashonela khona. Ngokunjalo nalo osolwa ngokuba yisigebengu, ubalekile, kanti udubulekile okugcine ngokuthi naye aphuthunyiswe esibhedlela wafike washona,” kusho uJali.

Kwabasolwa ngobugebengu abashonile, uJali uthe bayanyaniswa neqembu elidume ngobugebengu eNanda, okuthiwa yiWest. Uthe inkinga ababhekene nayo wukuthi uhulumeni kawufuni ukusondela uma kulimala amalungu esigungu sabo, kanti iningi lawo liyavolontiya, futhi lilekelela wona amaphoyisa ukuqapha ubugebengu.

“Sesikhulumile neminyango ehlukene kahulumeni ukuba ilekelele ukuze kufihleke amalungu ethu. Siyacela futhi kuhulumeni ukuthi usilekelele ngezinsiza zokusebenza, nokuthi nathi usifake kwibhajethi yawo. Abantu abalimala kakhulu emphakathini yiwona amalungu ethu, futhi sekunesikhathi edutshulwa, eshona, kodwa uhulumeni ungasondeli.

“Thina sisebenza ngaphezu kwamaphoyisa ngoba kasigcini ngokugada umphakathi, siphinde siqaphe nabantu bakamasipala uma befike ezindaweni zethu ukuzolungisa okuthile. Eziteshini zamaphoyisa kusuke kukhalwa ngokuthi amaveni ayashoda,” kusho uJali.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, amalungu ashonile abenezinyanga ezintathu ejoyine uhlaka lweNeighbourhood Watch, abekade ekolunye uhlaka olwaziwa ngokuthi yiQina Mhlali. Kubikwa ukuthi ubugebengu bese behlile kule ndawo ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla kwala malungu alwisana nobugebengu.

Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko, kodwa wathi bekusaqinisekiswe abantu abane abashone ngesikhathi bebika ngaso. Uthe umkhuzi wamaPhoyisa kulesi sifundazwe, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, unxusa ukuthi izigungu zomphakathi zisebenzisane namaphoyisa ngoba izigebengu kazicabangi kabili ngisho ukudubula zibhekise emaphoyiseni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...