Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kumiswe abafundi bakaMatric abadle amakhekhe anensangu

Kumiswe abafundi bakaMatric abadle amakhekhe anensangu

by | 4 June 2026

BAGWETSHWE ngokuqheliswa esikoleni abafundi bakamatikuletsheni basePrince Nomatiyela Secondary, abasolwa ngokudla izidakamizwa.

Abafundi abawu-11 kulesi sikole esisendaweni yaseKuvukeni, KwaNongoma, kuthiwa batholakale bedle amakhekhe anensangu (space muffins), bahluleka nawukufika esikoleni, okuholele ekutheni isigungu sesikole sinqume ukuthi bamiswe esikoleni.

ILANGA lithole ngemithombo yalo esondelene nalolu daba ukuthi kukhuzwa imihlola ngalesi senzo, esifaniswe nokudicilela phansi isithunzi sesikole. Umthombo uthe isenzo salaba bafundi sishiye abantu abaningi bemangele, kwazise lesi sikole sidume ngokuphasa ngamalengiso kwabafundi baso ku-matric.

Kuthiwa laba bafundi abebelungiselela ukubhala izivivinyo zaphakathi nonyaka, bagile lo mhlola ngaphandle kwamagceke esikole. Kuthiwa abawu-10 bebehlulwa nawukuhamba beye esikoleni ukuyobuyekeza izifundo (revision), ngoba bexakwe yizidakamizwa, kanti oyedwa ugcine efikile, kodwa isimo sempilo yakhe singesihle njengoba ebephalaza into engapheli.

“Ngesikhathi kusabhekwe lo obephalaza, kutheleke abanye babazali bezobuza ngaso lesi sehlo esikoleni. Yilapho-ke lo mfundi obephalaza ekhiphe khona iqiniso, wakhipha nabanye abebenabo kugilwa lo mhlola.

“Okusiphatha kabi wukuthi kuvele nokuthi laba bafundi kabaqali ukwenza lokhu, njengoba bakwenza kolunye uhambo lwesikole ababenalo. Lesi senzo sabo sibulala igama elihle lalesi sikole,” kusho umthombo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe umnyango uyaseseka isenzo sesikole sokumisa laba bafundi, ngoba kawuhambisani nezidakamizwa ezikoleni.

hudla@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...