Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 “Akajabule uMafukuzela ngesimo se-ANC KwaZulu-Natal” – Mantashe

“Akajabule uMafukuzela ngesimo se-ANC KwaZulu-Natal” – Mantashe

by | 18 February 2025

USIHLALO kazwelonke we-African National Congress (ANC), uMnu uGwede Mantashe, uthi isigungu esiphezulu sikaKhongolose asisabuthu quthu ubuthongo, ngenxa yesimo sale nhlangano KwaZulu-Natal.

UManatshe, ubethula inkulumo ngesifundo sikaMengameli wokuqala we-ANC, uDkt uJohn Langalibalele Dube, ebis’Ohlange High School, eNanda, okuyisikole esasungulwa nguyena uMafukuzela (John Dube) ngo-1901.


UMantashe uthe inkinga ekhona KwaZulu-Natal, ukuthi kukhona abantu abajoyina i-ANC nabangabalandeli bayo, abathi uma sebephakathi enhlanganweni bangazihluphi ngokuzithuthukisa ngolwazi njengokufunda ngemigomo nenqubo kaKhongolose.
“Amandla kaKhongolose asemagatsheni, asingazikhohlisi. Abasunguli bakaKhongolose obaba uMafukuzela, owaba ngumengameli wokuqala, noDkt Pixley kaSeme, ngaba khona lapha eNanda, baphatheka kabi lapho bekhona ngendlela i-ANC, esiyiyona lapha KwaZulu-Natal.”

“Nathi siwubuholi be-ANC, bukazwelonke, ithemba lethu besilibeke eKZN. Yebo, siyavuma ukuthi kusukela ngo-1994, uma kunokhetho izinga lokwesekwa kwe-ANC emavotini, liya ngokwehla, kodwa kululo lwangonyaka odlule, izinto zisibhedele kakhulu. Le Government Of National Unity (GNU), ekhona akuyona ito esahlala phansi sayihlela, saphoqwa isimo ,” kusho uMantashe.


INgqikithi yesifundo sikaMafukuzela besithi ubeyingqalabutho emikhakheni eminingi futhi eyahlukene. Wafunda eMelika, wabuya wasungula isikhungo semfundo sokuqala esasungulwa ngumuntu omnyama eNatali, Ohlange Institute. Ngo-1903 wasungula iphephandaaba ILANGA LASENATALI. Wakhethwa waba nguMengameli weSouth African Native National Congress (eyaba yi-African National Congres ngo-1923), wakhethwa ngo-1912 waba kulesi sikhundla kwaze kwaba ngu-1917.


“Abaholi abanjengoMafukuzela sibethulela isigqoko. Babazi ukuthi ukuhola abantu kuyini. Yingakho engabanga nankinga esededela izintambo kuMnu uSefako Mapogo Makgatho, owaba ngumengameli we-ANC ngemuva kwakhe uMafukuzela. Usungule isikhngo semfundo lesi esikuso njengamanje, sakhiqiza abaholi abahlonze.

USomlomo uNkk uThoko Didiza ufunde khona lapha Ohlange, ngithe uma ngimtshela ukuthi ngiza lapha wathi ngimkhonzele kakhulu ngoba yikhaya lakhe leli, yilapho aphekwa khona,” kuqhuba uMantshe. Isifundo ngempilo kaMafukuzela sandulelwe wumcimbi wokuklomelisa abafundi abenze kahle Ohlange High School, ngonyaka odlule kwaGrade 12.

UJaji uThabani Jali onguSihlalo wesigungu sababefunda Ohlange nguyena obesingethe leyo ngxenye yomcimbi. Bekukhona nomakadebona be-ANC phakathi kwabo yilowo owaba nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uDkt. Sibusiso Ndebele.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...