Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Kuboshwe abantu abangaphezulu kuka-13000 ngesonto lokuqala ku-2025

Kuboshwe abantu abangaphezulu kuka-13000 ngesonto lokuqala ku-2025

by | 7 January 2025

KUBOSHWE abasolwa abangaphezu kuka-13 000 eNingizimu Afrika ngesonto lokuqala ku-2025. Lokhu kuvezwe wumbiko wamaphoyisa, owethulwe yihhovisi loMkhuzi wawo kuzwelonke, uGen Fannie Masemola.

Ngokusho komkhulumeli wamaphoyisa kuzwelonke, uLt-Col Vincent Mukhathi, kusuka ngomhla ka-30 kuZibandlela (December) kuya kumhla ka-5 kuMasingana (January) kuboshwe abasolwa abangu-13 105 ezweni lonke, ngaphansi kohlelo lwamaphoyisa i-Operation Shanela.

UMukhathi uthi kulaba ababoshiwe, abangu-1743 bebefunelwa amacala abucayi.

“Abasolwa ababoshiwe bebefunelwa amacala okubalwa kuwona awokubulala, awokuzama ukubulala, awokudlwengula nawokubamba inkunzi kuhlonyiwe. Abalinganiselwa ku-142 bebefunelwa ukubulala, abawu-81 kulaba ngabase Eastern Cape.

“Abawu-241 bebefunelwa ukuzama ukubulala nokudlwengula, babangu-119 kulabo ngabase-KZN, kanye nabawu-126 abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni, khona eKZN,” esho.

Uthi abangaphezu kuka-3000 baboshelwe amacala okushaya ngenhloso yokulimaza, ukuthengisa izidakamizwa nokutholakala nazo.

Abasalanga ngaphandle nabokufika abangenawo amaphepha okuba kuleli njengoba kuboshwe abangaphezu kuka-1160, kanjalo nabebeshayela bephuzile njengoba kuboshwe abalinganiselwa ku-900.

UMukhathi uthi amaphoyisa azoqhubeka nokusebenza ngokuzimisela ukuqinisekisa ukuthi izakhamizi zakuleli nezivakashi ziphephile.

Ezisematheni

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

UZOFIHLWA ngoMgqibelo, eBloemfontein, owaba ngomunye wabasunguli beCongress of the People (COPE), uMnu Mosioua "Terror" Lekota. ULekota, ushonele esibhedlela esiseGoli ngesonto eledlule, ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza. Uke waba nguNgqongqoshe wezokuVikela...

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

NGUJERRY Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi. UZOVULELEKA kubafundi nasemalungwini omphakathi umdlalo weshashalazi okhuluma ngeSilo uCetshwayo, obizwa ngeKing Cetshwayo The Musical, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini,...