Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe 3 wababanjwe beqhuba isidumbu ngebhala

Kuboshwe 3 wababanjwe beqhuba isidumbu ngebhala

by | 17 February 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal abophe abasolwa abathathu ababanjwe beqhuba isidumbu somuntu ngebhala eSiphingo eningizimu yeTheku.

Ngokubika kweSABC laba basolwa bahlulekile wukuphendula amaphoyisa ngesikhathi ebabuza ngalesi sidumbu.

Okhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe uColonel Robert Netshiunda uthe laba basolwa baboshwe ngemuva kokuhluleka wukuqhamuka nempendulo eqondile ngokuqhuba lesi sidumbu.

Uthe baboshelwe ukutholakala nesidumbu nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

UNetshiunda uthe amaphoyisa athole umbiko ngabalisa abathathu abebeqhuba isidumbu abe esenikela kuwona.

Uveze ukuthi laba basolwa bebeqhuba lesi sidumbu ebesesiqala ukonakala.

“Ngemuva kokuhluleka ukuqhamuka nempendulo eqondile ngalesi sidumbu abe esekhalelwa ngamasondo kaSgonyela la madoda,” kusho uNetshiunda.

Kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...