Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe 3 wababanjwe beqhuba isidumbu ngebhala

Kuboshwe 3 wababanjwe beqhuba isidumbu ngebhala

by | 17 February 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal abophe abasolwa abathathu ababanjwe beqhuba isidumbu somuntu ngebhala eSiphingo eningizimu yeTheku.

Ngokubika kweSABC laba basolwa bahlulekile wukuphendula amaphoyisa ngesikhathi ebabuza ngalesi sidumbu.

Okhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe uColonel Robert Netshiunda uthe laba basolwa baboshwe ngemuva kokuhluleka wukuqhamuka nempendulo eqondile ngokuqhuba lesi sidumbu.

Uthe baboshelwe ukutholakala nesidumbu nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

UNetshiunda uthe amaphoyisa athole umbiko ngabalisa abathathu abebeqhuba isidumbu abe esenikela kuwona.

Uveze ukuthi laba basolwa bebeqhuba lesi sidumbu ebesesiqala ukonakala.

“Ngemuva kokuhluleka ukuqhamuka nempendulo eqondile ngalesi sidumbu abe esekhalelwa ngamasondo kaSgonyela la madoda,” kusho uNetshiunda.

Kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...