Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ungqongqoshe ukhuthaze abalimi baseJozini kudayiswa umkhiqizo wabo

Ungqongqoshe ukhuthaze abalimi baseJozini kudayiswa umkhiqizo wabo

by | 11 September 2025

BAZIBOPHEZELE ukuqhubeka nokukhiqiza ubhontshisi ngazo zonke izikhathi zonyaka abalimi baKwaNondabuya, eJozini, ngaphansi kwesiFunda uMkhanyakude.

Abalimi baseJozini izolo ngoLwesithathu bahlangane noNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, obefike nezikhulu zenkampani ethengisa ukudla yaKwaDukuza, ebizothenga ubhontshisi wabo. 

Abalimi bakule ndawo bayaye bahlangane, balime ubhontshisi kanye nezinye izitshalo okubalwa kuzona nombila. Bangu-300 abalimi okuthengwe isivuno sabo – esilinganiselwa ku-10 tons

“Sixhaswe wumasipala wendawo ngezinsiza kusebenza. Kwasisiza kakhulu ukuthi sithengelwe izimpahla zokusebenza ngoba kunamuhla sesiyahlomula ngokuthi kuthengwe imikhiqizo yethu. Sizibophezele ekutheni sizoqhubeka nokutshala ukuze sikwazi ukuthengisa ngaso sonke isikhathi,” kusho uNkk Qondeni Gumede.

UNkk Madlopha-Mthethwa uthe isifiso sakhe wukuthi bonke abalimi angaphansi kwale ndawo baxhaswe ngezinsiza-kusebenza kuphinde kuqiniswe namaxhama okuhwebelana phakathi kwabo nezinkampani ezithengisa ukudla.

“Sizoxoxisana nezinkampani ukuba zibasize ngolwazi okuhlanganisa nokuqeqeshelwa amakhono ahlukene. Sikhuthaza nokuthi kuqiniswe ukuhwebelana nokuthengwa komkhiqizo wabo. Sikhuthaza nokusebenzisa okuhle phakathi kwabo abalimi. Ngiyafisa nokuthi ngiqhubeke namazwi ami okusho ukuthi isiFunda uMkhanyakude siyinhliziyo yomnotho wesiFundazwe iKwaZulu-Natal, ngasohlangothini lomnotho otholakala enhlabathini ngokulima,” kusho uMadlopha-Mthethwa. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...