
INKANTOLO yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa oneminyaka ewu-55 ngecala lokulwengula owesifazane owayehlwelwe erenki yamatekisi. UDumisani Thabethe (55) ulahlwe ycala lokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka eMariannhill ngoMandulo (September) wonyaka odlule.
UThabethe nesisulu babengazani ngesikhathi kwenzeka isigameko. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeka ngesikhathi isisulu siya erenki, sifuna ukuyogibela esiye kwelinye idolobha, kodwa sangayithola itekisi ngoba isikhathi sase sedlule.
UThabethe owayeshayela amatekisi, watshela isisulu ukuthi uzosinika indawo yokulala, asiboleke igumbi lakhe, yena bese elala etekisini. Kubikwa ukuthi kwahamba isikhathi uThabethe wabe esejikela isisulu, wasesabisa ngommese, wasikhomba egunjini lakhe, okulapho afike wasidlwenfula khona ephindelela.
Ngakusasa uThabethe wathatha isisulu wayosishiya erenki. Kubikwa ukuthi isisulu saphuthuma sayovula icala emaphoyiseni, sahanjiswa eChartsworth Thuthuzela Care Centre (TCC) sayokwelashwa, selulekwa nangokwengqondo. Sesilivulile icala, kuthiwa isisulu sakwazi ukukhomba uThabethe erenki, zabe seziyamkhalela.
Ngokwesitatimende seNPA, ngesikhathi kuqulwa icala enkantolo, uMshushisi uMnu Simphiwe Magagula ubize ofakazi okubalwa sona isisulu, nalabo ababikelwa kuqala ngesigameko nodokotela owamhlola. Umbiko kasonhlalakahle uveze ukuthi isisulu isigameko sisihlukumeze kakhulu.
Sithe besimethemba uThabethe njengomuntu omdala, besingalindele ukuthi angasigila. Sithe isigameko siholele ekutheni singabe sisakwazi nokusebenza.
Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo ithe uThabethe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Igama lakhe lziofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi. I-NPA income uMshushisi uSimphiwe Magagula, yithimba ebeliphenya nabanye ababambe iqhaza kuleli cala.







