Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ‘Ama-Uber asezokuba namaphemithi njengamatekisi’

‘Ama-Uber asezokuba namaphemithi njengamatekisi’

by | 14 September 2025

YIYIVUTHA kanje imoto enesidumbu sikaMnu Siyanda Mvelase owayengumshayeli wama-Uber, ngenyanga edlule.

IZIMOTO ezincane ezithutha abagibeli ngobuchwepheshe bamaselula (e-hailing), obuhlinzekwa yizinkampani ezinjenge-Uber neBolt, sezithathwa njengezithuthi zomphakathi ezisemthethweni, kulandelwa ukushicilelwa komthetho iNational Land Transport Amendment Act ngoLwesihlanu.

Lo mthetho kuhloswe ngawo ukunqanda ukungquzulana ngombango wemizila phakathi kwabama-Uber nabamatekisi. Ngokusho kwalo mthetho, ama-Uber asesokuba namaphemithi okusebenza, okusho ukuthi akasezokwazi ukusebenza nomaphi, njengoba bekwenzeka.

Ama-Uber manje asezophoqeleka ukuba abhalwe ngokugqamile, ukuze asheshe abonakale, futhi kuzomele abe nama-panic button, ukwandisa ukuvikeleka kwabashayeli nabagibeli.

Sekube nezigameko eziningi ezithinta umbango mayelana nezindawo okumele bangalayishi abama-Uber, abamatekisi bekhala ngokuthi yibona abanamaphemithi okusebenza kulezo ndawo.

Esigamekweni sakamuva, kubulawe umshayeli we-Uber uMnu Siyanda Mvelase, isidumbu sakhe sashiswa nemoto yakhe ngaphandle kwenxanxathela yezitolo iMaponya Mall ngenyanga edlule.

Abanikazi bama-App abagunyaza abantu ukusebenza ngawo bengenazo izimvume basengcupheni yokuhlawuliswa u-R100 000 noma bagqunywe ejele iminyaka emibili, ngokusho kwalo mthetho.

“Abagibeli kumele gaqinisekile ukuthi imininingwane yemoto neyomshayeli iyavela kwi-App, ngaphambi kokugibela,” kusho uMnu Collen Msibi okhulumela uMnyango wezokuThutha kuzwelonke.

Uthe abafaka izicelo zamaphemithi bazokhokha imali ekhokhwayo, ejwayelekile. Uveze nokuthi umnyango uzophuma umkhankaso wokuhambela zonke izinhlaka ezithintekayo ezweni lonke, ukubafundisa abantu ngalo mthetho.

Ezisematheni

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

AMAQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MK) ne-African Transformation (ATM) asebhalele ngokwehlukana uSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza ukuba ahlele usuku lokuba kudingidwe futhi kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kuza ngemuva...

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

NGUNGQONGQOSHE weKhaya, uMnu Leon Schreiber. UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi...