Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Amadoda asezoba nelungelo lokubiza izibongo zamakhosikazi

Amadoda asezoba nelungelo lokubiza izibongo zamakhosikazi

by | 11 September 2025

ABESILISA sebezoba nelungelo lokushintsha isibongo uma sebeganiwe, babize isibongo senkosikazi.

INkantolo yezoMthethosisekelo ithi linyathelekile ilungelo labesilisa lokuba bakwazi ukushintshela esibongweni samakhosikazi abo uma bethanda ukwenza kanjalo.

NgoLwesine ekuseni le nkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi ingxenye engaphansi kwesiSigaba 26 soMthetho wokuBhaliswa kokuZalwa noKufa kwaBantu siyaphambana noMthethosisekelo wezwe – sinyathela ilungelo lamadoda lokuba akwazi ukushintshela ezibongweni zamakhosikazi awo. Kanjalo futhi nelungelo lowesifazane liyanyatheleka ngokuthi indoda yakhe ingakwazi ukushintshele esibongweni sakubo kwakhe owesifazane.

Inkantolo ithi lo mthetho uyacwasa ngokobulili, yanquma ukuba iphalamende lilungise leli phutha elikulo mthetho.

Ngesikhathi iJaji lale nkantolo uMahluleli uLeona Theron, lethula isinqumo lithe iphalamende kuzofanala likhethe ukuthi liyawuchibiyela lo mthetho noma lishaya omusha. Iphalamende linikezwe yile nkantolo iminyaka emibili ukuba lilungise lelo phutha – emuva kwalokho amadoda ayobe esekwazi ukushintsha izibongo ngokusemthethweni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...