Ilanga News
Home 9 Featured 9 Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

by | 4 September 2026

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa.

Ngokwesitatimende seNPA, lona wesifazane ubehlala elawini elingaphandle emzini kaninalume ePinetown kanti lona wesilisa ubengumakhelwane. Ngesikhathi sesigameko, kubikwa ukuthi kwase kuntambama ngesikhathi umdlwenguli engqongqoza nokwathi uma sivula isisulu, wasibhozomela wahamba naso endlini yakhe, wasigcina khona.

Kubikwa ukuthi lona wesilisa wadlwengula isisulu ubusuku bonke, waze wasidedela ezintatha. Kuthiwa isisulu saya kubo, kwathi emini saya endaweni thizeni siyohlangana nabangani baso, lapho sabhoboka khona ngokusehlele. Udaba lwabikwa emaphoyiseni, kwahanjiswa umgilwa eChatsworth Thuthuzela Care Centre (TCC), wayothola usizo, wabe eseboshwa lona wesilisa.

Ngesikhathi kuqulwa icala, uMshushisi uNkz Nokwanda Mthembu ubize ofakazi okuyisisulu, umuntu owabikelwa kuqala nongoti wezengqondo owahlola isisulu. Kubizwe nodokotela wezempilo owasihlola. Umbuso wethule nesitatimende sesisulu nalapho sithe siyabona ukuthi lona wesilisa wabona ukuthi kuyehlela kusona, ngoba sikhubazekile.

Inkantolo ibe isigweba lona wesilisa iminyaka emihlanu ngokuthumba nodilikajele ngokudlwengula. Inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.

UNkk Natasha Ramkisson-Kara weNPA uthe ngokubambisana nezinye izinhlaka, i-NPA izoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi izisulu ziyesekwa, bese abagila imikhuba yocansi bashushiswe ngaphandle kokunanaza, ukwenzelela nokucindezela.

Ezisematheni

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha. Lokhu bakuveze...

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Ogaqele isikhundla sobukhansela kwaNyuswa ngaphansi kwesiFunda saseThekwini wemukelwe ngenhlokomo ubuholi bendabuko ngesikhathi ezokwethulwa ubuholi emphakathini. UMnuz Siphiwe Bulose ubezokwethulwa ngoLwesihlanu njengefolosi le-ANC kuward 2 emcimbini wezinduna...

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...