
INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa.
Ngokwesitatimende seNPA, lona wesifazane ubehlala elawini elingaphandle emzini kaninalume ePinetown kanti lona wesilisa ubengumakhelwane. Ngesikhathi sesigameko, kubikwa ukuthi kwase kuntambama ngesikhathi umdlwenguli engqongqoza nokwathi uma sivula isisulu, wasibhozomela wahamba naso endlini yakhe, wasigcina khona.
Kubikwa ukuthi lona wesilisa wadlwengula isisulu ubusuku bonke, waze wasidedela ezintatha. Kuthiwa isisulu saya kubo, kwathi emini saya endaweni thizeni siyohlangana nabangani baso, lapho sabhoboka khona ngokusehlele. Udaba lwabikwa emaphoyiseni, kwahanjiswa umgilwa eChatsworth Thuthuzela Care Centre (TCC), wayothola usizo, wabe eseboshwa lona wesilisa.
Ngesikhathi kuqulwa icala, uMshushisi uNkz Nokwanda Mthembu ubize ofakazi okuyisisulu, umuntu owabikelwa kuqala nongoti wezengqondo owahlola isisulu. Kubizwe nodokotela wezempilo owasihlola. Umbuso wethule nesitatimende sesisulu nalapho sithe siyabona ukuthi lona wesilisa wabona ukuthi kuyehlela kusona, ngoba sikhubazekile.
Inkantolo ibe isigweba lona wesilisa iminyaka emihlanu ngokuthumba nodilikajele ngokudlwengula. Inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.
UNkk Natasha Ramkisson-Kara weNPA uthe ngokubambisana nezinye izinhlaka, i-NPA izoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi izisulu ziyesekwa, bese abagila imikhuba yocansi bashushiswe ngaphandle kokunanaza, ukwenzelela nokucindezela.







