
SIZISOLA ngokungamlaleli uyise “isiqhwaga” esizakhele igama emdlalweni wenduku (umgangela) kule minyaka eyedlule, uMnu Khwishi Ngema, sithola “ukukhubazeka” ngenxa yalo mdlalo.
UNgema (31), ongowokudabuka esigodini saseMatshansundu, eMelmoth, ugwazeke ngobhoko ngesikhathi kudlalwa umgangela emcimbini wokwethulwa komqulu wezethembiso zokhetho zeqembu i-IFP, ePrince Magogo Stadium, KwaMashu, ngempelasonto eyedlule.
UNgema uthi lokhu kulimala sekumphoqe ukuthi athi khumu kulo mdlalo. Uthi ngesikhathi engcweka noMnu Lungani Xaba, ongowokudabuka emaNgidini, eNkandla, ugwazeke ngobhoko esihlakaleni, kwanqamuka imithambo emibili, ubhoko lwaphuma ngale kwaso. Uthi lokhu kuholele ekutheni ingxenye yesandla sakhe ingasebenzi.
“Ubaba ubengixwayisa ngalo mdlalo ukuthi uyingozi, kodwa mina ngaqhubeka. Manje sengilimele, iminwe emibili igongobele angazi noma iyobuye ilunge yini,” esho.
Uthi njengamanje impilo inzima kuye, uyafisa ukuthola usizo lwemali ukuze athole ukwelashwa okusezingeni eliphezulu.
“Ngifisa ukuthola usizo ukuze ngiyoxilongwa ngodokotela abazimele, mhlawumbe ngingasizakala,” esho.
Uthi kumphatha kabi ukuthi usezohlukana nalo mdlalo awuqale eminyakeni ecela kwewu-13 eyedlule.
“Induku bengiyithanda ngenhliziyo yami yonke, ngisho umuntu wesifazane ubengelutho. Ngikhule ngibukela kobaba uBhanda noMtebheda, ngafisa ukukhula ngenze njengabo. Ngiqale ukudlala lo mdlalo ngo-2013, kodwa ngize ngagqama ngo-2018 ngidlala nensizwa yeBhaca, eMzimkhulu, uLvovo. Ngiyafisa ukuthi uShembe uNyazilwezulu angenze ngilulame,” esho.
UXaba, obengcweka noNgema udlulise okukhulu ukuxolisa kubathandi balo mdlalo.
“Ngiyaxolisa kakhulu, bekuqala ukuthi ngigwaze umuntu ngobhoko. Ngingumuntu okukhonze kakhulu ukudlala induku nezinsizwa, angikaze ngilenze iphutha elifuze leli,” esho.
ISekela loMdidiyeli wamabutho akwaMandlakazi, eliyisishoshovu samasiko uMnu Nkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba, siphawulile kulolu daba.
“Ngihlala ngisho ukuthi ubhoko oluyiplastiki luyingozi. Ngiyakhuleka ezinsizweni ukuba zingaziciji kakhulu izimboko. Ngiyazwelana kakhulu nezinsizwa zombili. Lezi zinsizwa ngiyazazi zombili. Ngisazobahlanganisa, baxhawulane,” esho.







