Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Amahlaya anenkosi phakathi kowoMgungu Comedy Show

Amahlaya anenkosi phakathi kowoMgungu Comedy Show

by | 10 April 2025

KUZOHLEKISA osomahlaya abanolimi oluqoqekile emcimbini wamahlaya Umgungu Comedy Show Easter Edition ozoba seGolden Horse Casino ngomhla ka-26 kwephezulu.

Lo mcimbi ohlelwa ngusomahlaya wodumo uSandile Flymotion Makhanya kulindeleke ukuthi udonse abantu bamazinga ahlukene njengoba uzobe uhambisana nokubungaza iPhasika nakuba lizobe selidlulile.

UFlymotion utshele ILANGA ukuthi ngenxa yokuthi ngempelasonto yePhasika abantu bzobe bematasa nezinkonzo nokuhlanganyela nemindeni yab bakhethe ukuthi lo mcimbi wenzeke ngemuva kwale mpelasonto ukuze bahleke bathokoze.

Uthe bazoqhubeka nokugubha iPhasika ngendlela enamahlaya futhi namahlaya azobe eqhululwa kulo mcimbi azobe enolimi oluqoqekile.

“Siyazi ukuthi abanye ozakwethu babuye baphume eceleni ngamahlaya anenhlamba nenkohlakalo yabantu abadala sizamile ukuthi sibakhuthaze kulokhu ukuthi bakugweme ngoba sifuna nalabo abakholwayo bafike bezojabulela amahlaya aqoqekile,” kusho uFlymotion.

Unxuse abantu baseMgungundlovu ukuba baphume ngobuningi ukuzothokoza ngalolu suku njengoba amasango azovulwa ngelesithupha bese umcimbi uqale ngelesikhombisa ngqo.

Uveze ukuthi ubophele osomahlaya okubalwa kubo uChurhboy, Gab noSalad, AmaWele aseChesterville, Kapteni wezigebengu, Master, Qatha, Tsoro nabanye.

UFlymotion uthe nguyena ozobe ephethe uhlelo kanti uthembisa ulozolo lodwa ngalo mcimbi.

“Asebeke bangibona ngiphethe uhlelo bayangazi ukuthi ngisuke ngifana nomuntu ochathwe ngezibonkolo,” kusho yena.

Uthe amathikithi alo mcimbi aseqalile ukutholakala ePick & Pay naseWebticket kusukela ngo-R200 kuya ku-R350.

“Imbila yaswela umsila ngokuyalezela,” kusho lo somahlaya okuzovela isithombe sakhe kuphela efilimini Meet The Khumalos.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...