Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Wesule isigubhukane oKhozini uNjinji

Wesule isigubhukane oKhozini uNjinji

by | 24 December 2024

USULE isigubhukane emsebenzini umsakazi woKhozi FM uMandla “Njinji” Magwaza, ongowokudabuka eJozini.

Lezi zindaba kuthiwa zimenyezelwe ngumphathi wezinhlelo obambile uMandla Mdletshe egruphini kaWhtsapp yabasakazi noKhozi izolo ngoMsombuluko.

Umyalezo okuthi ubhalwe nguMdletshe uthi: “Sanibonani bozakwethu, ngicela ukunazisa ukuthi uzakwethu uMandla Magwaza wesulile emsebenzini. Simfisela okuhle kulokhu asazoqhubeka akwenze empilweni”.

Kuthiwa uNjinji wesule ngenxa yophenyo obelwenziwa ngaye. Phakathi kwezinsolo asolwa ngazo, wukufaka izicelo (claim) zemali yomholo wezinsuku angazisebenzanga, kodwa waziholela, nokufika emsebenzini engekho esimweni sokusebenza.

Kubikwa ukuthi eminyakeni edlule wake wafaka izikhangiso emoyeni, zingakhokhelwanga kwi-akhawunti yeSABC. Kuthiwa leyo mali yeza kuyena, nakuba agcina eyikhokhile, kodwa wagcina emiswa isikhathi eside emsebenzini. Kuthiwa bese kuvuka nalelo cala.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...