Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Wesule isigubhukane oKhozini uNjinji

Wesule isigubhukane oKhozini uNjinji

by | 24 December 2024

USULE isigubhukane emsebenzini umsakazi woKhozi FM uMandla “Njinji” Magwaza, ongowokudabuka eJozini.

Lezi zindaba kuthiwa zimenyezelwe ngumphathi wezinhlelo obambile uMandla Mdletshe egruphini kaWhtsapp yabasakazi noKhozi izolo ngoMsombuluko.

Umyalezo okuthi ubhalwe nguMdletshe uthi: “Sanibonani bozakwethu, ngicela ukunazisa ukuthi uzakwethu uMandla Magwaza wesulile emsebenzini. Simfisela okuhle kulokhu asazoqhubeka akwenze empilweni”.

Kuthiwa uNjinji wesule ngenxa yophenyo obelwenziwa ngaye. Phakathi kwezinsolo asolwa ngazo, wukufaka izicelo (claim) zemali yomholo wezinsuku angazisebenzanga, kodwa waziholela, nokufika emsebenzini engekho esimweni sokusebenza.

Kubikwa ukuthi eminyakeni edlule wake wafaka izikhangiso emoyeni, zingakhokhelwanga kwi-akhawunti yeSABC. Kuthiwa leyo mali yeza kuyena, nakuba agcina eyikhokhile, kodwa wagcina emiswa isikhathi eside emsebenzini. Kuthiwa bese kuvuka nalelo cala.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...