Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Amakhosi eluleke izisebenzi kwabiwa isabelo mali

Amakhosi eluleke izisebenzi kwabiwa isabelo mali

by | 2 June 2025


ILULEKE izisebenzi zikamasipala iKing Cetshwayo ngokubaluleka kokubekwa phambili kwabantu nezidingo zabo kuhulumeni wasekhaya. Lokhu kuvezwe iNkosi uBhekizwe Biyela yaseMahlayizeni eNkandla emhlanganweni wamakhosi esifunda iKing Cetshwayo ngesikhathi ethulelwa wumasipala isabelo zimali sonyaka ka-2025/2026 nemisebenzi ezokwenziwa okubalwa neyenziwe enyakeni efikile njengoba kuqalwa unyaka omusha wezimali.

INkosi uBiyela ithi ukungasizakali kwabantu ezimfunweni zabo, yikhona okwenza ukuba kukhulunywe ngabi ngezisebenzi zikamasipala.


“Uma nisebenza kamasipala njengezisebenzi, kufanele nikhumbule ukuthi nisebenzela abantu. Ezinye izisebenzi zingena ngevoti, okuyinto ephelayo. Akusizakale abantu, balalelwe uma befika emahhovisi kamasipala befuna ukuchazeleka ezinkingeni ababhekene nazo emphakathini, ” kusho iNkosi uBiyela.


Inxuse ukuthi uma amakhosi esifunda ezothulelwa isabelo zimali sikamasipala, bayafisa ukuthi banikezwe ithuba elanele lokufundisisa umqulu ochaza kabanzi ngemisebenzi yomkhandlu ngaphambi kokuba kuhlanganwe kubhungwe ukuze amakhosi ezofika nemibuzo eseqonda kahle okubhalwe kusomqulu. Imeya yaseKing Cetshwayo uMnu Skhumbuzo Dlamini, ithe babone kukuhle ukuba bameme amakhosi abikelwe ngezinhlelo zikamasipala. Uveze ukuthi njengoba uhulumeni ebhekene nezinkinga zokushodelwa yimali, bathathe isinqumo sokumisa ukuqalwa kweminye imisebenzi engaphoqi kakhulu ukuba yenziwe okubalwa nokuqasha izisebenzi ezenza imisebenzi engabalulekile kakhulu.
“Isimo sezimali sibi kakhulu. Izikhala zemisebenzi sizimisile ukuze sizame ukulwa kakhulu nenkinga yokushoda kwamanzi. Abantu bayantula kakhulu kwezamanzi, ” kusho uMnu Dlamini.


Uthe nakuba imali ishoda kulo nyaka kodwa imisebenzi ebekade isiqaliwe, izoqedelwa yonke. Umasipala umeme neminyango kahulumeni ezingeni lesifundazwe ukuba izochazela amakhosi ngentuthuko eyenziwa yile minyango kulesi sifunda. Phakathi kweminyango kubalwa owezemfundo, owezokuVakasha, ezokuThutha, Ezokuphepha nokuvikelwa koMphakathi, owezokuHlaliswa kwaBantu, owezisebenzi zomphakathi, owezoLimo, oweziNdaba zoMdabu neminye.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...