Ilanga News
Home 9 Featured 9 Akukho okumele kuchazwe uZuma ngokuvakasha ejele- MK Party

Akukho okumele kuchazwe uZuma ngokuvakasha ejele- MK Party

by | 28 January 2025

INHLANGANO yezepolitiki i-MKP ithi umholi wayo uJacob Zuma akumele azichaze ukuthi wayemvakashelelani uClive Derby-Lewis ejele, ongomunye onesandla ekubulaweni kwesishoshovu somzabalazo uChris Hani, owadutshulwa wabulawa ngo-1993.

Lokhu kuvezwe umkhulumeli waleli qembu uMnu Nhlamulo Ndhlela obephawula okokuqala ngemuva kwenkulumo yekhethekile ye-eNCA no-Janusz WaluÅ› okuyilapho uWaluÅ› echaze khona ngokubalala uHani okuyilapho okungene khona neyokuvakasha kuka-Zuma ejele.

Kuyo lenkulumo uWaluÅ› uveze ukuthi akazisoli ngokubulala lo sopolitiki, uma kungavela elinye ithuba angaphinde akwenze.

Uthi imicabango aba nayo ngesikhathi ebulala uHani eyokuthi uphuca izingane zakhe uyise nomyeni kunkosikazi wakhe.

Nakuba eyokuvakasha kuka-Zuma ingaqali ukuvela kodwa ukukhishwa kwayo uWalus kuqubule izinkulumo.

UNdhlela uthi ayikho incazelo ekumele ikhishwe uZuma ngokuvakashela kwakhe uDerby-Lewis.

Ufanisa inkulumo ka-Walus nenhlamba njengoba engakhombisi ukuzisola.

“Uma ungumengameli kunezimfihlo nezifungo ozithathayo, ngakhoi uZuma ngeke achaze lutho uma engasiboni isidingo. Kungenzeka futhi incazelo yakhe iqubule umsindo ongenasidingo. Miningi neminye imihlangano ebanjwe umengameli engadinge kuchazwa,” kusho uNdhlela.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...