Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Amazwi enduduzo ngokudlula kuka-Adams emhlabeni

Amazwi enduduzo ngokudlula kuka-Adams emhlabeni

by | 12 July 2026

ZISHAQISILE izindaba zokudlula emhlabeni kukaJayden Adams obedlalela iMamelodi Sundowns esigamekweni okuthiwa uzilengisile.

U-Adams ubesekhefini kwenzeka lesi sigameko kwazise ubehambe neBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba eqhubekayo e-USA, eMexico naseCanada. Lezi zindaba ziqinisekiswe ngabaphathi balo mdlali ngoMgqibelo emini, eKapa.

Kusukela kusabalale lezi zindaba alokhu engene njalo amazwi enduduzo njengoba noMengameli Cyril Ramaphosa engomunye wababhonge emswaneni ngokudlula kwalo mdlalo obesemncane ngokweminyaka.

Amaphoyisa aseWestern Cape aveze ukuthi asevule uphenyo ngalesi sigameko njengoba imininingwane ingakaphelile ngokudlula kwakhe emhlabeni.

UNgqongqoshe wezemiDlalo uMnu Gayton MacKenzie naye udlulise amazwi enduduzo ngalo mdlalo aveze ukuthi uke waxhumana naye ngesikhathi kusaqhubeka indebe yomhlaba.

U-Adams wehlelwa wumshophi wokudlula kukaninakhulu wakhe ngesikhathi esayingxenye yendebe yomhlaba njengoba agcina engakwazanga ukuya emngcwabeni wakhe ngenxa yale midlalo.

Ubalwa nabanye abadlale kahle kakhulu kule ndebe yomhlaba iBafana Bafan eqophe umlando wukudlulela esigabeni samaqembu awu-32 salo mqhudelwano.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...