Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Amazwi enduduzo ngokudlula kuka-Adams emhlabeni

Amazwi enduduzo ngokudlula kuka-Adams emhlabeni

by | 12 July 2026

ZISHAQISILE izindaba zokudlula emhlabeni kukaJayden Adams obedlalela iMamelodi Sundowns esigamekweni okuthiwa uzilengisile.

U-Adams ubesekhefini kwenzeka lesi sigameko kwazise ubehambe neBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba eqhubekayo e-USA, eMexico naseCanada. Lezi zindaba ziqinisekiswe ngabaphathi balo mdlali ngoMgqibelo emini, eKapa.

Kusukela kusabalale lezi zindaba alokhu engene njalo amazwi enduduzo njengoba noMengameli Cyril Ramaphosa engomunye wababhonge emswaneni ngokudlula kwalo mdlalo obesemncane ngokweminyaka.

Amaphoyisa aseWestern Cape aveze ukuthi asevule uphenyo ngalesi sigameko njengoba imininingwane ingakaphelile ngokudlula kwakhe emhlabeni.

UNgqongqoshe wezemiDlalo uMnu Gayton MacKenzie naye udlulise amazwi enduduzo ngalo mdlalo aveze ukuthi uke waxhumana naye ngesikhathi kusaqhubeka indebe yomhlaba.

U-Adams wehlelwa wumshophi wokudlula kukaninakhulu wakhe ngesikhathi esayingxenye yendebe yomhlaba njengoba agcina engakwazanga ukuya emngcwabeni wakhe ngenxa yale midlalo.

Ubalwa nabanye abadlale kahle kakhulu kule ndebe yomhlaba iBafana Bafan eqophe umlando wukudlulela esigabeni samaqembu awu-32 salo mqhudelwano.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...